IMIKHUKHU eshe yaphela ishiswa ngumlilo.
UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwabantu kuzwelonke, uNksz Mmamoloko Kubayi, uvakashele izakhamuzi ezihlala endaweni ezingahlelekile, i-Kayamnandi, e-Stellenbosch, (informal settlement), ezishelwe imikhukhu yazo. Kuvelile ukuthi izakhamuzi ezikhahlamezekile kuhlasela lomlilo ezicekele phansi imikhukhu yazo kanye nezinto zazo ezibalulekile zzibalelwe kweziwu-200. Ungqongqoshe esitatimendeni esithunyelwe uthe bahambise izinsiza zokubuyisela uphahla lwemikhukhu ecekeleke phansi umlilo . “ Asigcinanga ngokubanikeza izinto zokwakha kodwa sibuye nokuya ngasethunjini kanye nezingubo zokulala,” kusho yena. Uphinde wakuveza ukuthi bazozama ukuthi bafake nezivimbela emikhukhwini (reblock the informal settlement to prevent fire), ukuze kuvimbeleke umlilo ongaphinde ucekele phansi lemikhukhu esibanike impahla yokwakho ukuze bayilungise kabusha emva kokucekelwa kwayo phansi umlilo. Uthe ukungenelela kwethu nomasipala wakulendawo sihlose ngakho ukuthi sibakhele izindlu ezizobanikeza isithunzi njengabantu. Kuphinde kwavela ukuthi ungqongqoshe osebalulwe ngenhla uphinde wayohlangana nozakwabo e-Gugulethu, abebeholwa ngu Sekela ngqongqoshe we-Agriculture, Land Reform and Rural Development, uMnu Mcebisi Skwatsha.