INKATHA Freedom Party , KwaZulu-Natal, ibonge kakhulu amaphiyisa eSouth African Police Services , ngokuqinisekisa ukuthi bayambopha umsolwa osolwa ngokubulala unobhala wesikhashana uMthokozisi Sithole, waseMbabazane. Kuvelile ukuthi ngolweSine olwendlule mhlaka 15 february 2024, kuboshwe umsolwa oyedwa endaweni yase-Weenen, ngalo icala lokubulala. Kuphinde kwavela ukuthi umsolwa uvelile kafushane eNkantolo kaMantshi yase-Escort, eNyakatho, neKwaZulu-Natal, kanti uzophinde avele mhlaka 23 February 2024 ebhekene nalo icala lokubulala.Ogaqele esobuNdunankulu aphinde abe uSihlalo we-IFP eKZN , uKhansela Thami Ntuli, uwuncome kakhulu umsebenzi owenziwe ngamaphoyisa ekuqinisekiseni ukuthi bayambopha umsolwa ngelokubulala. Uqhube wathi bafisa ukuthi bonke abathintekayo ecaleni lokubulala uSithole baboshwe bathole nezigwebo ezinqala. Uphinde wathi i-IFP inxusa kakhulu umphakathi ukuthi ubambane, uxolelane , ube nokuthula uphinde uwuhloniphe umphefumulo womuntu. “ Sifisa ukuthi kubanjwe unqondonqondo ekubulaweni kuka Sithole ngesihluku, ukuze naye ajeziswe kanzima. Uthe bona njengeqembu bazimisele ukubona kukhona ukuthula, ukubekezelelana kanye nokuhloniphana kuzakhamuzi. Uthe sinxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kubanjwe kuphinde kujeziswe kanzima abagila lemikhuba yokubulala abantu okubalwa kubo amakhosi, izinduna kanye nosopolitiki.Uphethe ngokuthi bayazwelana kakhulu nomndeni womgilwa abangani kanti futhi bayababeka emthandazweni.