i-The Africa Perspective ibonge uMnyango weZemidlalo , ubuCiko kanye nezamaSiko KwaZulu-Natala , ukuba babameme ukuba babe yinxenye yomjaho wamahhashi onesasa i-Dundee July. “ Sizizwa sijabule kakhulu ukuba sinikezwe leli thuba lokuba yinxenye yalomjaho wamahashi i-Dundee July , obuhambisana nokukhangiswa kwenqephu, ezemidlalo kanye nokuningi kokuthokozisa izethameli obekubanjelwe eDundee, eNyakatho neKwaZulu-Natal,” kusho abe The African Perspective, bezibongela ngokuba inxenye yalamojaho oheha namazwe angomakhelwane. Kuvelile ukuthi uma kukhona lomjaho kugcwala izindawo zokulala kanti futhi lomjaho ukhulisa umnotho kakhulu walesiFunda ngoba osomabhizinisi abancane nabo bayahlomula ngoba badayisa ukudla, banezindawo zokulala , nokunye okukhulisa umnotho walelidolobha. Baphinde bancoma kakhulu uMnu Bheki Ncube osebenzela lomnyango kanye nawo lomnyango osubalulwe ngenhla uqobo nabahleli bawo abakhombise ukuhleleka okukhulu. Bathe lomnyango kanye nabahleli bawo bayaqinisekisa ukuthi ezemidlalo bazibeka phambili, futhi nabahleli bawo bawuhlela ngokuseqophelweni eliphezulu. Bathe bona njengenhlangano yabezindaba esanda kusungulwa babonge kakhulu ngokwesekwa ilomnyango kanti futhi nabantu babaseke kakhulu ngabababhalele kona mayelana nalomjaho kanye nezithombe eziheheyo. Bathe sizimisele ukuqhubeka sisebenzisane nalomnyango osubalulwe ngenhla. “ Thina sizimisele kakhulu ukuthi izindaba ezithinta ezemidlalo, ubuciko kanye namasiko siyakusebenza ngendlela ebalulekile kakhulu,”besho esitatimendeni. Baphethe ngokuthi bazimisele kakhulu ngokuthi bahambele yonke imicimbi esuke ihlelwe ilomnyango wezemidlalo.