UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uzohambela izakhamuzi ezingaphansi kukamMasipala uMkhambathini, ngenhloso yokubafakela ugesi, kanti uzophinde anikezela nangamanye amaproject. Uthe kuzohlomula imizi ewu-300 kulomkhankaso wokuletha ukukhanya kwizakhamuzi ebingenawo ugesi , kulibe lelizwe lathola intando yeningi eminyakeni ewu-30 , eyandlula.“ Laba abazohlomula bazohlomula ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Municipal Infrastructure Grant (MIG),” esho esitatimendeni. Uqhube wathi idolobha elincane lase-Camperdown, nalo lihlomulile kulolu hlelo oselenziwe lokuphucula amadolobha amancane , ngoba bafakelwe amalambu asezitaladini asebenza ngomusebe welanga (installation of solar street lights) kanye nokwakhiwa kwerenke yamatekisi kuyo lendawo ( newly built taxi rank), ezoba nendawo yokudayisela osomabhizinisi abasafufusa (informal traders stalls) kanye nokwakhiwa kwezindawo zokuhamba (reconstructed pathways) ukuze kugwenye izingozi zokushayiswa zimoto kwezakhamuzi zakulendawo. Qhube wathi loluhlelo luyinxenye yokuthuthukisa amadolobhana amancane, ukuze kuhehwe nabavakashi kuphinde kukhuliswe nomnotho wesiFundazwe i-KwaZulu-Natal, kuphinde kuvuleke namathuba omsebenzi. Uphethe ngokuthi namuhla kuzobe kuzokhanyiswa ugesi kulomasipala osubalulwe ngenhla, kuphinde kunikelelwe ngamaprojekti kubantu besifazane. Uhlelo lwanamuhla lume kanye lokuyokhanyisa:
Usuku: namuhla (3 may 2024)
Indawo: Abebhuzi Sports Field, Umkhambathini
Isikhathi: 10:00