INQEPHU ebekukhangiswa ngayo kowandulela owamanqamu
BEBEDLANA umlala abasiku beqephu kanye nezimfashini kwiHollywoodbets Durban July Preview Fashion Show ebibanjelwe kwi-Gateway Theatre of Shopping ngoLwesihlanu olwendlule. Kuvelile ukuthi umsiko , umswenko ubudida amajaji ngoba akekho umsiki wenqephu obekhangisa ngenqephu engesiyo eyekhethelo neseqophelweni eliphezulu, kanti futhi bashiye nezibukeli zingawuvali umlomo. Kube sekuqokwa abasiki benqephu abawu-10 , abazobukisa mhlaka 6 July kowamanqamu kuHollywoodbets Durban July Young Designer Award , Rising Stars kanye Durban Fashion Fair. Kuphinde kwavela ukuthi abawu-6 kulaba babizwe Designer offerings , kowamanqamu eGateway Theatre of Shopping Ready to Wear collection. Okhulumela lenhlangano yokugembula uVuyisile Ngobese uthe abazowina bazomenyezelwa mhlaka 6 July. Uthe lomcimbi wombukiso uvalwe ngomculo kaJeremy Loops , kanti abasale emva kombukisa wezenqephu kanye nemfashini bajabuliswe ngomculo. Uqhube wathi umqhudelwano walonyako wabasiki benqephu abasebancane ubungohlukile kakhulu futhi namajaji abedideka ukuthi kumele aqoke bani ayeke bani kwabazondlulela kowamanqamu. Lomqhudelwane ubizwa ngokuthi ‘Ride the Wave’, okuyisiqubulo salonyaka. UVuyisile Ngobese oyiHollywood Foundation, Public Relations Officer, okwalonyaka bekuhluke kakhulu uma uzobuka umsiko kaKwenzi Nkomo kanye noMakhosi Ntshangase, abavela kwiDFF Rising Stars, abakhuze ibuya kwi-Invited Designers, ekhombise ukukhula kakhulu. Uthe ukubakhona nokulekelela abasiki benqephu abasafunda kwenze labasiki benqephu bavelele kakhulu kumsiki wabo. Uthe kumele labasiki nqephu benze ezibukwa ngosuku lomjaho. Uphinde wamema abaningi ukuba beze ngoJuly 6, Race Day,” kusho uStephen Marshall, Events and Marketing Executive Gold Circle. Uthe imashini iyinto enkulu kubhekwe emjahweni wamahashi obizwa ngeDurban July, futhi ongobaluleke kakhulu.