Sunday, June 8, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Abantu abangakhulelwa bengahlelile bese bebulala abantwana, babalahle

by Langelihle Chagwe
August 26, 2024
in Community
Reading Time: 3 mins read
A A
0
Abahloniphane abantu besifazane
Share on FacebookShare on Twitter

ABANTU abangakhulelwa bengakulindeli bese bebulala abantwana baphinde babalahle. Zikhona izinsiza zokuhlela imindeni abantu abavakashele imitholampili ngoba zikhona izinsiza ezahlukene zokuhlela okubalwa kuzo iloop, umjovo, amaphilisi kanye ne implant efakwa engalweni. Lawa ngamazwi ashiwo nguNksz Zamantungwa Khumalo , osebenza eDannhauser, CHC, emnyangweni weZempilo, ngenkathi bekusaqhutshekwa nokugubha usuku lomama kusele izinsuku eziwu-8 ukuba kuvalwe inyanga yomama. Lokhu ukuveze ngenkathi ngenkathi abekhuluma nabesifazane ehholo lase Springbok Laagter, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Ukuvezile ukuthi abantu besifazane abaningi  , bamanje abasakuthandi ukuvakashela imitholampilo futhi batetela nasemakhaya. “ Thina Mbokodo asihlulwa yilutho,” esho. Uqhube wathi kubuhlungu ukuthola umntwana bese uyambulala noma umlahle. Uthe kuke kwaba nesigameko khona kulesiFunda Amajuba lapho oqesifazane owateta wabe esekhipha umntwana ngefasitela embulala, kodwa ngoba wayengakakulungile ukuba nomntwana kwakufanele ahlele umndeni. “ Umnyango wezempilo unazo izinhlela zokusiza abesifazane ukuba bakwanzi ukukhipha izisu hhayi ukuthola umntwana bese uyambulala,” equba. Ulandise abesifazane futhi ebatshengisa nejazi lomkhwenyana labo ukuthi lifakwa kanjani ukuze bangazitholi bekhulelwa okungenasidingo okugcina kubaholela ekutheni bayokhipha izisu okungenasidingo. Uqhube wathi abazali kufanele baqale ukukhuluma nezingane zabo ziseneminyaka ewu-8, ukuze zokwazi nazo ukukhululeka zixoxe ngezimpilo zazo. Uthe kumele bazitshele ukuthi uma usunoboya esithwebi sangasese emakhwapheni sekumele wazi ukuthi usungakhulelwa uma uya ocansini. “ Khulumani nabantwana benu kakhulu ngaso sonke isikhathi. Obemele amaphoyisa aseDannhauser uSgt Joice Masondo uthe ethula inhloso yosuku uthe abantu besifazane badlala indima enkulu emindenini yabo futhi yingakho uNkulunkulu wathi uma esedale umuntu wesilisa ngomfanekiso wakhe wabe esethi udinga umlekeleli okungumuntu wesifazane. Uqhube wathi imizi eminingi imile nje kungenxa yomuntu wesifazane. “ Abantu besifazane ababamba iqhaza elikhulu nokuphathwa kwamapasi kwaba ongasekho uWinnie Madikizela Mandela owabe engu-Nkk kaMengameli wentando yeningi wokuqala uDkt Nelson Mandela kanye noDoroty Nyembe kanye nabanye. Uqhube wathi njengoba silapha sizolwela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane. “ Thina bantu besifazane bakulesikhathi samanje asivikelekile ngoba asisakwazi ukyotheza izinkuni ehlathini namalongo ngoba siyadlwengulwa ngabantu besilisa futhi asisakwazi ngisho ukuhamba ebusuku,” esho. Uthe abantu besifazane ababophe isfociya njengalaba bakuqala babambisane. Uqhube wathi abantu besifazane abavakashele imitholampilo ngoba lokho kubalulekile ukuze kulashwe izifo ezithathelanayo. Uphethe ngokuthi asikho isifo esingalapheki inqobo nje ukuvakashela umtholampilo. Uphethe ngokubonga bonke abantu besifazane abaphumelele ukuba ingxenye yalomgubhu, waphinda wabonga bonke abaxhasi abaxhase ngokudla kanye neziphuzo, athe loluxhaso baluthole kubantu abaphethe amathaveni, ababuyisela emphakathini abangagcini ngokubadayisela utshwalo kuphela kodwa uma bona benqonqoza kubo bayaxhasa. UMnu Dumisani Ndlovu okhulumele ifawundeshini i-Sizwe Sandile Mabanga Foundation uthe bona beyifawundeshini bahlose ukuzosiza umphakathi, abantu abadala abaondla izingane noma abazukulu ngezimpesheni ukuze basizakale ngomfaniswano, ukudla , bathole imitholampilo engomahamba nendlwana. Uqhube wathi lena akusiyona inhlangano yezepolitiki kodwa isiza noma ngabe iliphi Ilunga lomphakathi elihlwempu, ngazo zonke izidingo engazidinga. UThandeka Nxumalo ongumfundi wase Impala High School ube esehaya inkondlo ebesihloko esithi Phakama Mbokodo, Qinani nibambelele kuNkulunkulu, ningamhleki umuntu omnyama, masihlangene akukho okungasehlukanisa. Esinye sezikhulumi ebesivela emnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Ndlovu uthe banezinhlelo eziningi zokusiza umphakathi kanye ne Lunceon yezaguga. Uqhube wathi kukhona ikhaya labadala elasungulwa uma izaguga zihlukunyezwa emakhaya kanye nabantu abangathathi entweni futhi abangatholi sibonelelo sikahulumeni. Uqhube wathi sinehlolo lokukhuliswa kwabantwana. Uphinde wakuveza ukuthi abantwana bayadlwengulwa kodwa nabafana bayadlwengulwa akusadlwengulwa abantu besifazane kuphela. Uthe abazali abazazi izingane zabo ukuthi zikuphi ngaso sonke isikhathi. Uphinde wathi abazali kumele baqikelele ukuthi bayabagada omakhalekhukhwini bezingane zabo ngoba izingane ziyadlwengulwa ngabantu ezixhumana nabo ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook nezinye.. “ Asizithumi izingane utshwala nogwayi bazali,” esho. Uthe noma ngabe ingane incane kangakanani kodwa iyaboshwa futhi likhona ijele labantwana abancane kusebenza amaProbation Officers uma benamacala. Uqhube wathi izingane zenu zidla izidakamizwa zigadeni futhi nikhukume nazo ngaso sonke iskhathi. Ofundisa esikolweni sendawo uNksz Sbonelo Nkabinde uthe ngiqashwe esikolweni Impala ngomusa kaNkulunkulu. Uthe abantu besifazane bathunyiwe uNkulunkulu ukuba bazolekelela abesilisa, yingakho kumele bazi ukuthi bayizithunywa zikaNkulunkulu. Uthe kumele simhloniphe uNkulunkulu kanti uphinde washaya ikhwelo lokuthi abazali mabazikhuze izingane zabo bazikhulise ngokwenkolo. “Thina Mbokodo a

ADVERTISEMENT
Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

by Langelihle Chagwe
June 6, 2025
0
3

SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

by Langelihle Chagwe
May 20, 2025
0
3

NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele. Ngihamba nobaba uDokotela...

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

by Langelihle Chagwe
May 13, 2025
0
3

SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama. Kubikwa ukuthi lesigameko...

Recommended

Kuboshwe imigulukudu emibili, kwashaqwa impahla yokwebiwa,Ekuvukeni

Kulindeleke imimoya enamandla ezinxenyeni ezithize zesiFundazwe saKwaZulu-Natal

3 weeks ago
3
UMkhwanazi nophenyo nge-vidiyo yephoyisa elishaya umuntu

UMkhwanazi nophenyo nge-vidiyo yephoyisa elishaya umuntu

7 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}