ABANTU abangakhulelwa bengakulindeli bese bebulala abantwana baphinde babalahle. Zikhona izinsiza zokuhlela imindeni abantu abavakashele imitholampili ngoba zikhona izinsiza ezahlukene zokuhlela okubalwa kuzo iloop, umjovo, amaphilisi kanye ne implant efakwa engalweni. Lawa ngamazwi ashiwo nguNksz Zamantungwa Khumalo , osebenza eDannhauser, CHC, emnyangweni weZempilo, ngenkathi bekusaqhutshekwa nokugubha usuku lomama kusele izinsuku eziwu-8 ukuba kuvalwe inyanga yomama. Lokhu ukuveze ngenkathi ngenkathi abekhuluma nabesifazane ehholo lase Springbok Laagter, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Ukuvezile ukuthi abantu besifazane abaningi , bamanje abasakuthandi ukuvakashela imitholampilo futhi batetela nasemakhaya. “ Thina Mbokodo asihlulwa yilutho,” esho. Uqhube wathi kubuhlungu ukuthola umntwana bese uyambulala noma umlahle. Uthe kuke kwaba nesigameko khona kulesiFunda Amajuba lapho oqesifazane owateta wabe esekhipha umntwana ngefasitela embulala, kodwa ngoba wayengakakulungile ukuba nomntwana kwakufanele ahlele umndeni. “ Umnyango wezempilo unazo izinhlela zokusiza abesifazane ukuba bakwanzi ukukhipha izisu hhayi ukuthola umntwana bese uyambulala,” equba. Ulandise abesifazane futhi ebatshengisa nejazi lomkhwenyana labo ukuthi lifakwa kanjani ukuze bangazitholi bekhulelwa okungenasidingo okugcina kubaholela ekutheni bayokhipha izisu okungenasidingo. Uqhube wathi abazali kufanele baqale ukukhuluma nezingane zabo ziseneminyaka ewu-8, ukuze zokwazi nazo ukukhululeka zixoxe ngezimpilo zazo. Uthe kumele bazitshele ukuthi uma usunoboya esithwebi sangasese emakhwapheni sekumele wazi ukuthi usungakhulelwa uma uya ocansini. “ Khulumani nabantwana benu kakhulu ngaso sonke isikhathi. Obemele amaphoyisa aseDannhauser uSgt Joice Masondo uthe ethula inhloso yosuku uthe abantu besifazane badlala indima enkulu emindenini yabo futhi yingakho uNkulunkulu wathi uma esedale umuntu wesilisa ngomfanekiso wakhe wabe esethi udinga umlekeleli okungumuntu wesifazane. Uqhube wathi imizi eminingi imile nje kungenxa yomuntu wesifazane. “ Abantu besifazane ababamba iqhaza elikhulu nokuphathwa kwamapasi kwaba ongasekho uWinnie Madikizela Mandela owabe engu-Nkk kaMengameli wentando yeningi wokuqala uDkt Nelson Mandela kanye noDoroty Nyembe kanye nabanye. Uqhube wathi njengoba silapha sizolwela ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane. “ Thina bantu besifazane bakulesikhathi samanje asivikelekile ngoba asisakwazi ukyotheza izinkuni ehlathini namalongo ngoba siyadlwengulwa ngabantu besilisa futhi asisakwazi ngisho ukuhamba ebusuku,” esho. Uthe abantu besifazane ababophe isfociya njengalaba bakuqala babambisane. Uqhube wathi abantu besifazane abavakashele imitholampilo ngoba lokho kubalulekile ukuze kulashwe izifo ezithathelanayo. Uphethe ngokuthi asikho isifo esingalapheki inqobo nje ukuvakashela umtholampilo. Uphethe ngokubonga bonke abantu besifazane abaphumelele ukuba ingxenye yalomgubhu, waphinda wabonga bonke abaxhasi abaxhase ngokudla kanye neziphuzo, athe loluxhaso baluthole kubantu abaphethe amathaveni, ababuyisela emphakathini abangagcini ngokubadayisela utshwalo kuphela kodwa uma bona benqonqoza kubo bayaxhasa. UMnu Dumisani Ndlovu okhulumele ifawundeshini i-Sizwe Sandile Mabanga Foundation uthe bona beyifawundeshini bahlose ukuzosiza umphakathi, abantu abadala abaondla izingane noma abazukulu ngezimpesheni ukuze basizakale ngomfaniswano, ukudla , bathole imitholampilo engomahamba nendlwana. Uqhube wathi lena akusiyona inhlangano yezepolitiki kodwa isiza noma ngabe iliphi Ilunga lomphakathi elihlwempu, ngazo zonke izidingo engazidinga. UThandeka Nxumalo ongumfundi wase Impala High School ube esehaya inkondlo ebesihloko esithi Phakama Mbokodo, Qinani nibambelele kuNkulunkulu, ningamhleki umuntu omnyama, masihlangene akukho okungasehlukanisa. Esinye sezikhulumi ebesivela emnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Ndlovu uthe banezinhlelo eziningi zokusiza umphakathi kanye ne Lunceon yezaguga. Uqhube wathi kukhona ikhaya labadala elasungulwa uma izaguga zihlukunyezwa emakhaya kanye nabantu abangathathi entweni futhi abangatholi sibonelelo sikahulumeni. Uqhube wathi sinehlolo lokukhuliswa kwabantwana. Uphinde wakuveza ukuthi abantwana bayadlwengulwa kodwa nabafana bayadlwengulwa akusadlwengulwa abantu besifazane kuphela. Uthe abazali abazazi izingane zabo ukuthi zikuphi ngaso sonke isikhathi. Uphinde wathi abazali kumele baqikelele ukuthi bayabagada omakhalekhukhwini bezingane zabo ngoba izingane ziyadlwengulwa ngabantu ezixhumana nabo ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook nezinye.. “ Asizithumi izingane utshwala nogwayi bazali,” esho. Uthe noma ngabe ingane incane kangakanani kodwa iyaboshwa futhi likhona ijele labantwana abancane kusebenza amaProbation Officers uma benamacala. Uqhube wathi izingane zenu zidla izidakamizwa zigadeni futhi nikhukume nazo ngaso sonke iskhathi. Ofundisa esikolweni sendawo uNksz Sbonelo Nkabinde uthe ngiqashwe esikolweni Impala ngomusa kaNkulunkulu. Uthe abantu besifazane bathunyiwe uNkulunkulu ukuba bazolekelela abesilisa, yingakho kumele bazi ukuthi bayizithunywa zikaNkulunkulu. Uthe kumele simhloniphe uNkulunkulu kanti uphinde washaya ikhwelo lokuthi abazali mabazikhuze izingane zabo bazikhulise ngokwenkolo. “Thina Mbokodo a