NAMUHLA sikhumbula abafowethu, abangani nawo wonke umuntu owandlula emhlabeni ngenxa yobhubhane lwesifo ingculazi. Lawa ngamazwi ashiwo nguNgqongqoshe weZempilo , KwaZulu-Natal ,uNksz Nomagugu Simelane-Zulu, ngenkathi kugujwa usuku lwabandlula emhlabeni ngenxa yesifo ingculazi Emadlangeni , Utrecht, ngelendlule.
Umhlaba wonke ubugubha lolu suku, usakhumbula izihlobo, abangani nawo wonke umuntu owandlula emhlabeni ngenxa yalesi sifo. “ Sisonke kulolu talatiya, manje kubalulekile ukuba sicabange, ngabangani, amalunga omndeni, kanye nawo wonke umuntu ohaqekile ilesifo, ukuba sibone ukuthi singabambisana nabo kanjani, kulesikhathi esinzima.
“ Singakhohla ukubonga kakhulu kosayensi abachithe isikhathi eside, neminyaka bezama, ukuqhamuka nekhambi lokudodobalisa leli gciwane. Kulebe kwaqala ukuzwakala ukuthi kukhona lesi sifo , baqala benza ucwaningo, lokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalesifo.” Uthe babonga kakhulu kuhulumeni kaKhongolose owakuqinisekisa ukuthi udaba lwalesi sifo ulithathela phezulu, futhi walibeka eqhulwini, udaba lwaso. Uthe kubalulekile ukuthi abantu bahambe beyohlolela lesi sifo kanye nezinye. Uqhube wathi siyakhuluma namuhla ukuthi sifuna ukuliqeda lolubhubhane , hhayi ukulidodobalisa. Kuqala lesi sifo sasifana neTsunami eyayishiya kukhalwa, ibulala kwabani, onothile nonganothanga. “ Impela sisuka kude kakhulu ngaleligciwane, akukholakali ukuthi namhlanje sesikwazi ukukhuluma ngokuyiqeda i-HIV. Usungathi inganekwane ukuthi salahlekelwa yizinkulungwane ngezinkulungwane zabantu esasibathanda ngenxa yeHIV/AIDS.
“ UHulumeni osiphethe wazama ngawo wonke amandla ukuthi uphephisa izigidi ngokuhlinzeka ngemishanguzo, esisize abaningi. Bangaphezulu kwabangu R1.4million abantu abalashelwa lesi sifo., sikhuluma nje. Uqhube wathi eminyakeni engu-12 endlule, abantu ababili kwabayishumi , babethola izingane ezihaqwe yilokufa. Uthe komele sibone ukuthi neCovid-19 nayo sogcina siyinqoba uma uHulumeni esaqhubeka nokubeka izimpilo zabantu phambili. Uphinde wakuveza ukuthi i-HIV/ AIDS iyabulala.
“ Ngokocwaningo uMgungundlovu usahamba phambili ngamaphesenti angu-46.6, Ethekwini 43.5%, Ugu 43.4%, Ilembe 43.1%, Umzinyathi 41.7%, Uthukela 41.5%, Harry Gwala 39.2%, King Cetshwayo 39.1%, Zululand 37.6%, Amajuba 36.4% kugcine Umkhanyakude ngo 35.0%. Uthe abantu mabaqhubeke bayohlola ukuze baphile isikhathi eside, uma usuwazi ukuthi uhaqekile usheshe uqale udle imishanguzo.