ABAPHAKELA izikole bayaziqhelalanisa nezinsolo zokuthi bahlongoza ukungakuhambisi ukudla ezikoleni. Lokhu kuvele ngenkathi bebebambe umhlangano nabo laba abanikezwa izinkontileka zokuphakela izikole KwaZulu-Natal, ohlelweni olubizwa ngokuthi i-National School Nutrition Programme (NSNP), obuse Thekwini mhlaka 19 May 2024. Kuvelile ukuthi bona laba sonkontileka bajabule kakhulu ukuthola ithuba lokuthi bahlangane nomnyango, ukuze bachaze kabanzi ngalezinsolo ebezibhekiswe kubo. Laba bebemelwe inhlangano yabo ebizwa ngokuthi Service Providers Forum (SPF). Kuphinde kwavela ukuthi bebevele behlose ukuveza uvo lwabo ngokukhuphuka kwentengo yokudla kanye nohlobo lokudla okumele baluhambise ezikoleni (food raise and menu), abathi ukudla sekumba eqolo. UNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-naatal uNksz mbali Frazer, uthe bona njengesiFundazwe abathathi zinqumo kanti futhi izimali zalolu hlelo ziqhamuka kuNational Conditional Grant, ngakhoke imali ebekelelwe loluhlelo kanye nokukhuphuka kwezinto akubhekene nabo, bathi izikhalo zabo einingi kumele bazibhekise emnyangweni weZemfundo eyisiSekelo , kuzwelonke. Okhulumela lenhlangano yalaba abasabalalisa ukudla ezikoleni uMnu Xolani Shange uthe okubaphatha kabi wukuthi kulolu hlelo lokusabalalisa nokuphakela izikole kwidokhumente yethenda banikezwa ukuthi nhloboni yokudla okumele bakusabalalise ezikoleni, bese okubaxaka kakhulu ukuthi izikole nazo ziba nokwayo phecelezi menu engabalwanga kulemihlomulo abazoyithola ngokohlelo lokusabalalisa lokudla. Kuphinde kwavela ukuthi lokudla okufunwa zikole (food items), afunwa zikole abakhokhelwa wona kanti enye inkinga enkulu bathi babhekene nenselelo yokukhuphuka kokudla kodwa imali yabo yokukhokhelwa ngokusabalalisa ukudla ingakhuphukile lokho okwenza ukuthi bona bagcine bengenzi nzuzo ngoba bethenga ngentengo eyevile kulena ababevumelene ngayo nomnyango. Uthe izinto zakhuphuka kodwa thina asikhushulelwa imali. Okunye abakuvezile nakho okudla ephakatheni bathi abakaze bayibhidele igesi kodwa bayayithenga ngemali ephezulu kodwa umnyango ubanika imali encane. Uthe umnyango ubanika imali ewu-R1300 kodwa bona bakhokhela igesi imali ewu-R2000. Kumele bakuqikelele ukuthi sikuhambisa kanjani ukudla ezikoleni nanokuthi sikhokhelwa kanjani imali yegesi. Uqhube wathi bake basikhokhela imali ewu-R2100 yegesi kodwa lokho kwenzeka izinyanga ezimbili kuphela manje sifuna umnyango ukulungise lokhu. Uphethe ngokuthi sigcina singenzi nzuzo ngokusabalalisa ukudla ezikoleni ngalezimo kodwa sikwenza lokho ngoba nathi sing