YILABA abadle umdlanganiso ngenkathi bekunomkhangiso wemfashini eyandulela owamanqamu
ABASIKI benqephu futhi abebekhangisa ngawo kowandulela owamanqamu umqhudelwano abawu-10, balindeleke ukuba bayodlana umlala kowamanqamu ku-Durban July mhlaka 6 July 2024. Laba abadle umhlanganiso bebekhangisa ngomsiko wabo eGatewat Theatre of Shopping izolo mhlaka 19 June 2024. Laba abawu uthe kulindeleke ukuba bayokhangisa umsiko wabo- ku The Hollywoodbets Durban July Young Designer Award ehlelwa yi-Durban Fashion Fair, okuyiyona eqoke laba abawu-10, abangabafundi ezindaweni zemfundo ePhakeme ezahlukahlukene. Kuvelile ukuthi kulombukiso abasiki benqephu noma abezemfashini bebephethe nempahla kanokusho esengagqokwa , esiphelile ukusikwa nokuthungwa, eGateway. Laba abawine esifundazweni sebezohlangana nabanye abawine ezifundazweni zabo lapho bezobe bekhombisa khona ngemsiko yabo yenqephu lapho kuzobe kwandulelwa khona i-Durban July mhlaka 6. Laba sebehlangene nezinye izifundazwe bazobe bekhombisa , noma bebonisa ngomsiko wabo mhlaka 28 June 2024, Gateway’s Hollywoodbets Durban July Preview Fashion Show. Laba bahlungwa kwabawu-100, ababengenele lombukiso ngenyanga endlule , lapho babekhangisa khona embukisweni wamahashi owaziwa ngokuthi “Ride the Wave”. Kuphinde kwavela ukuthi amajaji ayethwele kanzima ngoba babedlana umlalla kungelula nokuhlunga abazondlulela esigabeni esilandelayo. “ Ngineminyaka ewu-30, ngilijaji kodwa ngoba sekuqhudelana abasiki benqephu abasebasha ngizizwe ngijabule kakhulu, ngibona abantu abasha futhi abasafunda begqamuka namakhono angaka,” kusho uGreg Wallis, obebhekene nenkinga enkulu yokuhlunga laba abawu-10. Uthe engikubone entsheni kungingimangazile kakhulu, kanti futhi kungokubaluleke kakhulu. Uqhube wathi ukuba ngomunye wamajaji eceleni kwenxusa le-Hollywoodbets Brand Ambassador, nawabe engumdlali webhola likanobhutshuzwayo kanye neqembu lesizwe i-Bafana Bafana , futhi owabe engukabuteni uMnu Teko “The General” Modise, kungithokozisile kakhulu ngoba futhi ungomunye kwabakwazi ukubona iqembu enhle. “ Okwalonyaka kukhombise izinga eliphezulu kakhulu, lokhu okukhombisa ukuthi abasiki benqephu basebenza ngokukhulu ukuzimisela,” kusho uMnu Teko Modise. Uqhube wathi ngiyayithanda kakhulu ifashini kanti futhi ngiyabathanda nabasiki bayo. Uthe bekunzima ukuphuma nabawu-10, okumele bandlulele kowamanqamu. Ythe baningi obekumele bandlulele phambili kodwa nagcine bengalifezanga lelo phupho ngenhla yobuchule nomsiko odla ubhedu. Abafundi bazokhombisa ngemisiko yabo ku-Durban Fashion Fair Rising Stars and the HDJ Invited Designers at Gateway Theatre of Shopping, phambi kwezinkumbi zabantu kanye nango mhaka 6 July 2024 emjahweni wamahashi. Kanti abafundi laba bazozuza imifundazwe ewu-R100 000, kwabathathu abazoboqwaqwada emakhanda, kanye neminye imiklomelo ezobe iqhanuka kwi,Gold Circle, Schweppes, Gateway Theatre of Shopping and SA Fashion Week.
Nampa abaphumelele ukuyokhangisa ngenqephu kwi-Durban July.
Fundiswa Bhengu – Esayidi Fashion School
Ndlozi Sineziwe – Pmb School of Fashion
Nduduzo Zwane – Lindiwe Khuzwayo Academy
Nontsikelelo Godlo – Pmb School of Fashion
Olwethu Payi – DUT
Krishan Ramdewu – Pmb School of Fashion
Tamryn Price – Esayidi Fashion School
Avuyile Sihlobo – DUT
Siphesihle Mkhize – Umgungundlovu TVET
Ayanda Zulu – Lindiwe Khuzwayo Academy