UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , uMfu Thulasizwe Buthelezi, unxuse izakhamuzi zaseNyakatho neKwaZulu-Natal, ukuba zihlale ziqaphile ngoba kulindeleke imililo yequbula kulezindawo. Uthe lesixwayiso sikhishwe abe-South African Weather Services , ukuthi kulindeleke imililo yequbula. Uqhube wathi esitatimendeni iningi lezakhamuzi zakulezindawo zivele sezike zakhahlamezeka kwacekeleka phansi inqalasizinda, imfuyo kanye namadlelo. Uqhube wathi oMasipala abangase bakhahlamezeke ilaba:Abaqulisi, Alfred Duma (Indaka and Ladysmith), Big Five Hlabisa (Hlabisa), Hluhluwe, Dannhauser, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Jozini, Msinga, Mthonjaneni, Mtuba, Newcastle, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Okhahlamba, Ulundi, uMhlabuyalingana, uMhlathuze, uMlalazi kanye noPhongola. Uthe ngokombiko umoya uzobe uhamba ngesivinini esiwu-65 wamakhilomitha, ozobe womisile futhi ushisa kulezindawo. Uthe kuzobe kune Fire Danger Index ((FDI), nayo ezobe eyendlula amakhilomitha awu-75 kulesFunda lokhu okungadala ukuba kube khona umlilo wequbula. Ube esexwayisa umphakathi ukuthi lokhu kungadala ukuba bavelele kulezigameko, ukucekeleka phansi kwempahla , izitshalo nazo zingacekeleka phansi kanye nemimoya encolile abangazithola bevelele kuyo. Ube esikhipha isexwayiso sokuthi masilandelwe uma kuhlasela lemililo yequbula: ningashisi imililo ezindaweni ezivulekile noma nishiye imililo ivutha, ningalahli izitompi zogwayi, ningalahli amabhodlela ezigangeni lokho kuyingozi, zamani ukuthi nishise amabhande okuvikela umlilo, uma nibona umlilo omkhulu bikini ngokushesha, uma amanzi engekho sebenzisani isihlabathi ukuba nilawule umlilo. Uqhube wathi kubalulekile ukuba abantu bangazishayi indiva izexwayiso, futhi abantu kumele bahlale bephephile. Uphethe ngokuthi abantu abazithathele phezulu lezixwayiso ngoba ziyalekelela ekudalekeni kwezingozi ezingagcina zindlula nemiphefumulo.