BEKUGUJWA usuku lwamalungelo eMzansi South Afrika izolo, kodwa kunabantu abasakhala ngokungabi nawo amalungelo! Lokhu kuvezwe kuPastor Lunga Mthethwa othe sekuyophela inyanga yamalungelo kodwa kunabantu abanganalutho futhi abantulayo. Uthe kunezingane ezashonelwa ngabazali , abazali abashiywa ngabantwana, abafundisi abaphila ngenkosi abahambisa izwi layo bengabheke mhlomulo. Uthe ufisa ukuthi babingelele abaholi bezombusazwe kungakavotwa ukuthi bazi kahle kamhlophe ukuthi kunabantu ababhekene nobubha lokhu uNkulunkulu angakufuni. Uphethe ngokuthI. Zojika izinto after 29 May 2024 uSimakade uzobonakala ebusa abantu bakhe eshaya ihlabekisa God Bless You , Usandlulisa lomlayezo.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...