NGIFISA babhadle ejele isikhathi eside ababulali bomyeni wami! Lawa ngamazwi ashiwo uNkk Lindiwe Luvuno, ngenkathi ebizwe ebhokisini lofakazi ngaphambi kokuba iJaji likhiphe isigwebo. Uthe izinto aziphindanga zahamba kahle ekhaya emva kokuba laba babulali abangananembeza badubula babulala uMnu Majuba Lesley Luvuo, owabe engumshayeli webhasi lakwa BTI, lezigameko, senzeka ngasebhulohweni lase Tholeni ngonyaka u-2021. Laba babulali abangenanembeza balibe bavela lapha enkantolo abakaze bakhombise ukuzisola futhi bambulala ngenhloso uMnu Luvuno, ngoba babekuhlelile lokhu abakwenza. “ Abantwana basala bengenababa , baphinde bangawafeza amaphupho abo ukuyokwenza iziqu ababezifisa amanyuvesi, kuqhuba yena. “ Abakwenza kubo ngathi into enhle , ngoba abakhombisi ukuzisola futhi bazikhululekele nje,” esho. Uqhube wathi akulahlekelwanga thina singumndeni kuphela ngalesisenzo sabo kodwa, omakhelwane kanye nabafana ayebakhulisa ebholene ephethe ikilabhu i-United Green Spurs, yasendaweni yase Milford , edannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. “ Saqala ukuphila kanzima nabantwana ngoba wayesondla, okwadala ukuthi ngikhulise abantwana bami kanzima sengibondla ngemali yempesheni,” elanda eNkantolo, ePhakeme yaseMadadeni. Ijaji ngaphambi kokuba likhiphe isigwebo lisonge ngamazwi athi , lezigilamkhuba azikhombisanga ukuzisola ngezakwenza ikakhulukazi ummangalelwa wesibili. Libe selibagweba kanjena, abamangalelwa uNkosiyazi Majozi (38), noSifiso Henry Nkomo (34), libagwebe udilikajele umuntu ngamunye ngecala lokudubula nokubulla uMnu Luvuno, labagweba iminyaka ewu-8, bobabili ecaleni lokuzama ukubulala, labagweba iminyaka ewu-8, ngokubamba inkunzi uMnu Mbatha behlomile, kwathi uMajozi waphinde wagwtshwa iminyaka ewu-15, ebhadla ejele ngelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Ngenkathi kuqulwa icala likuvezile ukuthi ufakazi wombuso kwakungu Const Miya, owakhona ukujaha abasolwa abagcina beshayisa ufenisi emva kokuba babebambe inkuzni behlomile umnu Mbatha ngasebhulohweni eTholeni. Iphinde yasho ukuthi emva kokubamba inkunzi wathi uma ebejaha uMajozi wayeveze isandla ephethe isibhamu futhi edubula ebhekise kuye ngasemuva. Uthe nakuba ufakazi woMbuso ubeyedwa kulesigameko kodwa wakhona ukubelusa laba emba kokuba beshayisile babaleka ngezinyawo bayocasha emizini eseduzane. Kuphinde kwavela ukuthi wakhona ukubiza abazomlekelela okungu-Col Zondi no Capt Hadebe, kanti nesibhamu esasetshenziswa satholakala endaweni yesigameko, kanye neziqgoko ezimbili, isikudilayiva aababedumisa ngayo imoto, kanye namagobolondo awu-20 asebenzile nenhlamvu eyodwa eyabe ingakasebenzi. Eqhuba uthe konke lokhu okwatholakala kulendawo yesigameko kwathi uma kuyohlolwa kwacaca ukuthi amagobolondo ezinhlamvu kanye nesibhamu kuyahambisana kanye nesikutilayiva. UMajozi waboshwa endlini enguwulawundi kanti uNkomo yena waboshwa esthoyilethi. Ubufakazi ababuthula ngenkathi begibele ebhokisini ijaji likubeke kwacaca ukuthi bungamanga futhi buyadukisa. Kuvelile ukuthi ngenkathi kufika isikhathi sokuba bayokhonjwa (identity parade), azange bananaze ofakazi bavele babakhommba basho nokuthi ngalenkathi beboshwa babegqoke kanjani “ Uma ngicubungula udaba lwesibhamu, uyanindeka uMajozi,” kusho iJaji, ephinde lakubeka kwacaca ukuthi ubufakazi bukaConst Miya buqanda ikhanda ngoba wakuveza ukuthi uMajozi wayengakwazi ukugijima kahle uma ebaleka ngoba wabe elimele onyaweni lesinxele kanti nodadewabo kaMajozi ukuvezile ukuthi umfowabo uyagxuga. Umshushisi woMbuso esonga izethulo zakhe uMnu Buthelezi, uthe laba kumele babhadle ejele isikhathi eside ngoba bathatha umphefumulo, womuntu obondla umndeni, engagcini lapho elekelela nomphakathi. Uqhube wathi lento abayenza babeyihlosile ngoba bapaka imoto yabo phambi kwebhasi ngoba babeyihlosile lento yabo yokubulala ngoba yayingekho indlela enye yokuthi bhasi indlule. Uthe uMajozi wasuka waqonda nqo kumufi, okuyizinkomba ukuthi lento babeyihlelile, kanti uma kucutshungulwa, nangokolibo fuzo kukhomba ukuthi zimbili izibhamu ezasebenza ngenkathi kubulawa umnu Luvuno, ngoba kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu awu-20. Wabe esenxusa ukuba iJaji libagwebe kanzima. Umndeni usamukele lesigwebo kodwa wathi sibafanela nanxa engeka asabuya umufi.