AMAKHOSI ahlela umhlangano neProvincial Executive Council sokuzodingida ngodaba lokuphucwa kukaNdunankulu waKwaZulu umbhobho ngenkathi kukhunjulwa ukukhothama kweSilo uDinuzulu kaCetshwayo obubanjelwe kwaCeza ngoMgqibelo ondlule.Lokhu kuhlaluke ngenkathi bekuhlangene abaholi bendabuko abebevile kwabawu-200 okubalwa kubo Amakhosi, Abantwana baseNdlunkulu kanye nezinduna abebehlangene ngaphansi kweKwaZulu-Natal Provincial House of Traditional and Khoisan Leaders (KZNPHTKL). Lomhlangano olungakamenyezelwa usuku lwawo labaholi bendabuko bahlose ukuba nomhlangano neKhabhinethi yaKwaZulu-Natal, okuhloswe ngawo ukuzoxoxwa kabanzi ngokuphucwa kukaNdunankulu kaZulu umbhobho kugujwa noma kukhunjulwa iminyaka ewu-110th kwakhothama ISilo uDinizulu kaCetshwayo obekwenzeka KwaCeza, ngoMgqibelo ondlule. “ Kulomhlangano esibe nawe izolo mhlaka 21 March 2024, umphathi wohlelo bekuyiNkosi Sifiso Shinga onguSihlalo weKZNPHTKL, obubanjelwe esiShiyamthetho sakudala Ondini (Old Legislative Building , in Ulundi), lapho Amakhosi enqume khona ukuba nomhlangano neKhabhinethi, kuzoxoxwa ngodaba luka Ngqongqoshe we Department of Economic Development, Tourism and Environmental Affairs (Edtea), uMnu Siboniso Duma , owaphuca umbhobho uNdunankulu kaZulu uRev Thulasizwe Buthelezi, ukuze kuphunywe nesixazululo,” kusho isitatimende esithunyelwe Inkosi uShinga. Kuphinde kwavela kubaholi bendabuko ukuthi banxusa onke amaqembu ezepolitiki ukuba abekezelelane ngoba kuzoba nokhetho lezifundazwe kanye nolukazwelonke mhlaka 29 May 2024. Athe esitatimendeni bafisa kube nokuthula futhi namaqembu akhankase ngokuthula futhi ukhetho lube ngolukhululekile. Uphethe ngokuthi osopolitiki kumele uma bekhankasa bakhulume kahle bangakhulumi izinkulumo ezihlose ukuhlakaza isizwe sikazZulu.