KUNGENKATHI kuklonyeliswa amathishela.
KUXWAYISWE umnyango weZemfundo ngencelelo ebhekene nezikole ngenxa yokushoda kwamathishela kanye nezinsiza kufundisa nokufunda. Kuvele lokhu ngenkathi esinye sezikhulumi sikhuluma ngenkathi bekuklonyeliswa amathishela, izikole kanye nasebeneminyaka ewu-30, befundisa ,ngezitifiketi, ehholo lomphakathi Osizweni, eNyakatho neKwaZulu-natal, namuhla mhlaka 23 May 2024.. Lesikhulumi siphinde sakuveza ukuthi ngethemu ezayo badinga amathishela ezikoleni. Siqhube sathi ukuklonyeliswa kwamathishela kuvela emsebenzini wawo wokuqikelela ukuthi abafundi bathola imfundo encono. Sibe sesinxusa wonke amathishela angasiyo inxenye yokuklonyeliswa ukuba nawo asebenze ngokuzimisela kuzothi ngonyaka ozayo kube yiwona aklonyeliswayo. Obekhulumela imikhandlu ebhekelele izikole (School Governing Bodies), phecelezi SGB, uthe izikole ukulula ukuba zisebenze kahle ngaphandle kwalemikhandlu yezikole. Uthe Amajuba njengesiFunda balala isibili ngokuphasa kahle wabe esekugcizelela ukuthi kumele kusetshenzwe kakhulu kunakuqala ukuze kuzuzwe amaphesenti awu-100, kulonyaka ophezulu. Lezikhulumi siqhube sathi kuhle ngoba amathishela afundisa emabangeni aphansi nawo aklonyelisiwe ngoba imfundo iqala emabangeni aphansi kanti kuqala bekuklonyeliswa amathishela amabanga aphezulu. Sithe lesikhulumi ibhodwe linemilenze emithathu ingane, umzali kanye nothisha , sathi uma kungekho ukubambisana noma kuphuke owodwa umlenze ngeke kusebenzeke, futhi nemiphumela ngeke ibe yinhle. Obekhulumela inkampani yomshukarense i-Metropolitan ubonge kakhulu kumnyango ngokubanika ithuba lokuthi bakwazi ukungena ezikoleni benze umsebenzi wabo. Uthe okubalulekile kubo ukufundisa amakhasimende abo ngokuphathwa kwezimali , baphinde banxusa amakhasimende abo ukuba awawenze amawili (wills), ukuze kungezukubakhona inking uma sebendlulile emhlabeni, ngoba kwesinye iskhathi bayaye babone sekuhlukumezeka abantu abadala abazigulelayo bephuma bengena beyobhalisela izimali zabangaseho. Uphinde wathi abantu abangabhali izaguga ngoba zisuke sezindala futhi zigula okwenza kube nzima ukuba ziphume zingena ezinkampanini zemishukarense. Ugqugquzele ukuthi akubhaliswe abantu abasebancane abazomelana nalolutalatiya. uNksz Promise Zwane oyiMenenja kwa AVBOB eDundee, ubonge kakhulu amathishela wathi lokhu akwenzayo akwenzela izingane zabo ukuze zibe nekusasa eliqhakazile. “ Siyazi ukuthi izingane zethu ziwuhlupho ezikoleni kodwa niyazibekezelela, niziphe isinkwa sokuphila,” esho. Uqhube wathi thina siphinde sibuyisele emphakathini ngokuxhasa izikole ngoba senza ibhizinisi elithile , okubalulekile nje ukuthi uthishanhloko abhale incwadi ayise kumhloli asho ashoda ngakho mhlampe ikilasi , bese umhloli ethumela incadi leyo kithi baxhaswe abantu. Uqhube wathi lesiFundazwe iKwaZulu-natal, asibasebenzisi bengumnyango ngoba esho ethu kunohlelo lokuxhasa olubishwa ngokuthi iroad to literacy, phecelezi apho begqugquzela khona ukuthi makufundwe. Uthe baqinisekisa ukuthi imitapo yolwazi eyizindwana iyahanjiswa ezikoleni ukuze kugqugquzelwe isiko lokufunda bokufundisa.. uthe sebexhase izikole eziwu-180, ngaphansi kwaloluhlelo oslubalulwe ngenhla. Uthe siyawalungisa namakilasi uma nje kufakwe izicelo. Uphnde wagcizelela kakhulu ekutheni abantu noma amakhasimende abo angathathi amapholisi amasha kodwa anezelele amalunga awo kumapholisi asebevele benawo. Uphetho ngokuthi musani ukuthatha amapholisi amaningi kungenasidingo.