NGABAFUNWAYO uBongumusa Mpayipheli, Mxolisi Shezi kanye noKhayelihle Mabaso.Izithombe.SAPS
AMAPHOYISA aseChartsworth anxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi noma oke wabona uBongumusa Mpayipheli oneminyaka engu-34, owagcina ukubonakala mhlaka 25 Febhuwari 2025, endaweni yase Bottlebrush Informal Settlement, eChartsworth.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni , ngenkathi enyamalala uMpayipheli, wayegqoke ibhulukwe elimhlophe,isikibha esimhlophe kanye nezicathulo ezimhlophe.
“Unsundu ngokwebala kanti mncanyana emzimbeni,” kusho uMagwaza, eqhuba ethi , aamaphoyisa akhona esiteshini sase Chartsworth , acela ukufuniswa uMxolisi Shezi oneminyaka engu-38, owanyamalala khona endaweni yase Bottlebrush, mhlaka 20 Okthoba 2024.
Uthe esitatimendeni , ngenkathi enyamalala wabe egqoke ibhulukwe elimnyama kanye nejakhethi emnyama.
“ Naye unsundu ngokwebala kanti mncanyana emzimbeni,” kulanda uLieutenant-Colonel Magwaza esitatimendeni.
Ongaba nolwazi noma oke wababona laba ababili unxuswa ukuba ashayele uDetective Sergeant Duma kulezinombolo-034 451 4233 noma ku Crime Stop 08600 10111.
“Kwesinye isigameko amaphoyisa aseNanda acela ukufuniswa uBongani Khayelihle Mabaso oneminyaka engu-41, owagcina ukubonakala mhlaka 3 Disemba 2024, owanyamalala egqoke ibhulukwe eliluhlaza kanye nesikibha esimhlophe,” kusho u Lieutenant-Colonel Magwaza esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi , uMabaso unsundu ngebala , kanti unobuso obucijile *triangle), kanti unamehlo amnyama.
Kunxuswa noma ngabe ngubani onolwazi ngokunyamalala kuka Mabaso ukuba axhumana noDetective Constable Hlongwane kulezinombolo 073 650 5483 noma kuCrime Stop on 0860010111.

