BAVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNquthu abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-40 ababhekene necala lokushisa babulale isalukazi esineminyaka engu-63 nabazukulu ababili abaneminyaka engu-14 nemibili.
Laba abathathu kukholakala ukuthi bagasela emzini walona wesifazane osekhulile endaweni yakwaNkobe, eNquthu, bafika bamshisela endlini nabazukulu bakhe ngoba bemsola ngokuthakatha. Lesi sigameko esishaqisayo nesinesihluku senzeka ngoLwesihlanu olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, uthe umsolwa wokuqala waboshwa endaweni yesigameko, kwathi ababili baboshwa emakhaya abo.
“Amaphoyisia i-VISPOL nabaseshi baphuthuma endaweni yesigameko ngemuva kokulunywa indlebe lapho bafika babopha khona umsolwa oyedwa,” kusho uConstable Nkwanyana.
Uthe icala lalaba basolwa lihlehliselwe uLwesihlanu lakusasa kuyo le nkantolo yaseNquthu, nokuyilapho bezofaka khona isicelo sebheyili.