INKOSI Bhekizwe Biyela, oNgqongqoshe uHlabisa noButhelezi , kanye nezinye izicubuthwane. kwesingezansi Inkosi uBhekizwe Biyela eme eceleni kwemoto aphiwe yona. Izithombe. ZITHUNYELWE

KUQOPHEKE umlando kuhlonishwa Inkosi Bhekizwe Biyela wase Mahlayizeni Traditional Authority , KwaZulu-Natal, emcimbini lapho ubegubha iminyaka engu-48 , agqogqobala isikhundla sobuKhosi, ngoLwesine olwendlule.
Kubikwa ukuthi Inkosi igixabezwe ngezipho izakhamizi ngenkathi ihlonishwa , okubalwa kuzo imoto yohlobo lwe Toyota Fortuner, zinkomo kanye nezinye izipho ezingadalulwanga.
“Lezi zipho bezikhombisa uthando oluvela ezakhamizini kanye nokuyihlonipha Inkosi ,”kusho isitatimende esithunyelelwe abezindaba.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnuz Velenkosini Hlabisa, uNgqongqoshe kusiFundazwe saKwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi, Amakhosi, Izinduna , iziMeya kanye nezakhamizi ezibalelwa ezinkulungwaneni bezihambele lomcimbi wokuhlonishwa kweNkosi uBiyela.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, lo mcimbi bekuhloswe ngawo ukuhlonipha Inkosi Biyela, ngegalelo lakhe esizweni kanye nebanga aselihambile ehola lesi sizwe saseMahlayiseni eminyakeni engu-48 eyedlule.
“Inkosi uBiyela , ibamba iqhaza elikhulu ekuhanjisweni kwezidingo nqangi kubantu kanye nokuthuthukiswa kwesizwe sase Mahlayiseni kanti futhi iphinde ibambe iqhaza elikhulu ekulekeleleni izikole zompahakathi, njengoba ibeka imfundo phambili,”kusho uMfu Buthelezi esitatimendeni.
UNgqongqoshe uHlabisa uthe esitatimendeni , Inkosi uBiyela ibambe iqhaza elikhulu ebuholini bomdabu, njengoba iphinde ilekelele kakhulu Amakhosi asemancane ngokuwachathulisa, ukuthi isizwe siholwa kanjani.
Uphethe ngokuthi, Amakhosi abamba iqhaza elikhulu ezakhamizini nasezizweni aziphethe, lapha esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, ubongele Inkosi uBiyela , ngegalelo lakhe ebuholini bomdabu kanye nokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla nokuzimisela ekuholweni kwesizwe.
Uphinde wamemezela esitatimendeni, ukutthi kuzokwakhiwa iNkantolo (state of the art), esezingeni eliphezulu , sakhelwa Inkosi yakwaBiyela nesizwe, ezoba nezinsiza eziningi zezakhamizi.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , siyalibonga kakhulu igalelo lakho nobuholi bakho njengeNkosi yase Mahlayiseni.