UMPIYAKHE Thobani Mbatha ofunwa uthuli ngamaphoyisa ngecala lokubulala usomatekisi Isithombe: SAPS
INKANTOLO yeMantshi yaseMpumalanga, eHammarsdale, isikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa komlisa osolwa ngokudubula abulale owayengusihlalo weFredville Taxi Association, uMnuz Mphilisi Ngubane owabulawa ngoSepthemba wakulo nyaka.
Lokhu kumenyezelwe ngokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda esitatimendeni asithumelele abezindaba, lapho eveza khona ukuthi uphiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu bodlame lwamatekisi ezingeni lesifundazwe, iKwaZulu-Natal Provincial Taxi Violence Task Team Unit lucela usizo lomphakathi ukufuniswa uMnuz Mpiyakhe Thobani Mbatha (25) osolwa ngokubulala.
Kubikwa ukuthi uMbatha wadubula wabulala uNgubane (35), wazama nokubulala umfowabo kaNgubane ayiwele naye – igama lakhe elingadalulwanga. Lesi sigameko sokudubula senzeka ngoSepthemba 13 emgwaqeni uShezi Main, elokishini laseMpumalanga, eHammarsdale.
Kuthiwa uNgubane wayehamba emgwaqeni noyiwele lakhe ngenkathi behlaselwa ngamadoda amathathu ayehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo e-brown.
“Amadoda avulela ngenhlamvu kubagilwa, kwafa uNgubane (Mphilisi), iwele lakhe lakwazi ukuphunyuka libaleke yize ladubuleka nalo kulokhu kudubula,” kusho uColonel Netshiunda.
Ngokusho kukaColonel Netshiunda kwabe sekuvulwa amacala amabili, okungelokubulala nelokuzama ukubula esiteshini samaphoyisa saseMpumalanga ngemuva kwalesi sigameko, idokoto lophenyo labe selidluliselwa kwabophiko olulwa nobugebengu bodlame lwamatekisi. “Uphenyo olunzulu luveza ukuthi uMbatha nguyena ongumsolwa kulesi sigameko sokubulala, kanti akukaziwa ukuthi ubhace kuphi njengamanje. Kuvela ukuthi ungowokudabuba eGreytown kodwa kukholakaka ukuthi ubuye ahlale naseNtshanga,” kusho uColonel Netshiunda.
Uqhube wathi incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMbatha ikhishwe inkantolo kanti amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi, athinte umphenyi uSergeant Khuyana ku-079 490 8250/031 325 69 noma kweyokubika ngobugebengu ethi: 08600 10111, noma enkundleni yezokuxhumana i-MySAPS APP.