NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka. Isithombe.SITHUNYELWE.
UNGQONGQOSHE wezeMfund KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka ubeyingxenye yezihambeli ebezihambele umcimbi wokuklomelisa abafundi baka-matric abaphase, obubanjelwe eSayidi TVET College, eMzimkhulu, ngoLwesihlanu esisuka kulo.
Isiqubulo salo mcimbi besithi “Akuhalaliselwe abaphase ngamalengiso.
UHlomuka ukhumbuze izihambeli ebeziyingxenye yalo mcimbi ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal silale isibili kuzwelonke ngezinga lokuphasa emiphumeleni ka-matric waveza nokuthi kulesi sifundazwe asikho isifunda esiphase ngaphansi kuka-80%, athe kuyizinkomba zokwenyuka kwezinga lokuphasa esifundazweni. Egcizelela ngokuthi lapho kukhona uthisha, kukhona imfundo engcono.
“Ngiyaphinda ngidlulisa ukubonga okukhulu ezikoleni ezingaphansi kuka-quantile 1 no-2 ngokuphasa ngamalengiso nanxa bezibhekene nezinselelo eziningi okubalwa kuzo ukushoda kwezinsiza kusebenza kusebenza.
“IsiFunda uMzimkhulu Circuit Managent Centre (CMC) esingaphansi kukaMasipala uMzimkhulu, sikhombise ukuphucula izinga lokuphasa ngokweqile ngoba ngo-2017 lesi sifunda sasiphase ngo-69.31%, kodwa kulo nyaka silenyusile izinga ngoba sithole u-91.5%. Lokhu kukhombisa ukuzinikela nokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla kothisha nabafundi,” kusho uHlomuka.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yizi khulu okubalwa kuzo uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, i-Meya yoMasipala waseHarry gwala, uMnuz Mzamo Nxumalo, iMeya kaMasipala waseMzimkhulu, uNkk/Nksz Jabulile Msiya, iNkosi Zimema Mchunu, noMqondisi oqhamuka kwi-Department of Higher Education and Training (DHET), uDkt Nkosinathi Sishi.
“UNgqongqoshe uNkabane wamemezela ukuthi i-Esayidi TVET College izofundisa izifundo zamakhono eziyinyama ezinkampanini,” kuqhuba uHlomuka.
Kuvela ukuthi uDkt Nkabane uphinde wanikelela ngemifundazwe kubafundi abaphase ngamalengiso.
Kuphinde kwavela ukuthi uMzimkhulu CMC iwona oziqwaqwade zonke izifunda zase Harry Gwala emakhanda.
“Uthishanhloko waseMsundukeni Senior Secondary School, uMnuz Thembelani Ndita, naye uphinde wahalaliselwa ngoba isikole sakhe siphase ngamaphesenti ngo-100%.”
Kuvela nokuthi iNkosi uMchunu ixoshise uDita ngenkomo njengoba isikole sakhe siphase ngamalengiso.
“Isikole lesi saqanjwa ngegama likamkhulu kaNdita,” kulanda uHlomuka, eqhuba ethi waye kade ethembisile ukuthi uzolikhuphula izinga lokuphasa uNdita, ngempela kwaya ngamagama enkehli.
Abafundi abaphase ngamalengiso bahlomule ngama laptop kanye namavawutsha okuthenga izincwadi.