UKUHLUKUMEZEKA ngokocansi esemncane kumfundise ukuxolela, ukuba nothando kanye nokuqhubekela phambili nempilo. UNkk Thuli Mathebula waseNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, osezinze eThekwini usekhiphe incwadi yakhe esihloko sithi Greathearted. uNkk Mathebula uthe ngahlukumezeka ngisemncane ngabantu engibaziyo ababili futhi angangibathemba ngisafunda isikole kodwa lokho kwashintsha mhla ngibuyele ekhaya ngithi ngiyobabheka ukuthi basaphila ,ngiyobabuza ukuthi bangihlukumezelani ukuze ngizondlula kulobuhlungu engangibuzwa ngabekwenza kimi ngoba ngingakwazi ukuzivikela. “ Ngathi uma ngifika endaweni engangazi ukuthi bahlala kuyo, bangitshela ukuthi bobabili sebashona , lokho kwangenza ngafunda ukuthi ngibe noxolo, ngibe nothando futhi ngiqhubekele phambili nempilo ngikhohlwe ngosekwandlula, futhi ngafunda nokundlulisa izinto,” esho Uqhube wathi ngaso sonke isikhathi ngangibhala ngokwangehlela nobuhlungu engangibuzwa kodwa nganele ngezwa ukuthi abasekho emhlabeni ngabaxolela futhi ngaqhubekela phambili nempilo, yingakho sengikhiphe lencwadi i-Greathearted. Uthe lokhu kwangikhulisa ngokomqondo ngafunda nokwamukela ukuthi uma undlulelwe ngumuntu omthandayo emhlabeni ,ndlula kukho ngenhliziyo yakho yonke, futhi ukwazi ukukhohlwa ngezinhlungu nokwakwehlela. “ Lencwadi ikhuluma kakhulu ngokuthi xolela futhi undlule kuzo zonke izimo ezike zakwehlela ngoba ngeke uzishintshe,” eqhuba. Kuphinde kwavela ukuthi encwadini yakhe wayebhekene nesimo sokuhlukunyezwa kanye nesimo nesokulahlekelwa ngomthandayo, lokho okwenza afunde ukuba nothando. Lencwadi kaMathebula ikubeka ngokusobala ukuthi ungabi nokudinwa nokucasuka kodwa ikufundisa kakhulu ukuthi ndlulisa bonke ubuhlungu , ungabi nenzondo , ube nothando futhi uqhubeke nempilo. Incwadi i-Greathearted ibhalelwe zonke izinhlanga ngenhloso youkuthi zingavumeli ukuba izinhliziyo zabo zingcoliswe, babeke zonke izinqinamba kanye nezinselelo ababhekene nazo emuva kodwa baqhubekele phambili nempilo, baphokophele ekusaseni eliqhakazile, kanti futhi ifundisa ukuthi abantu babe nothando lweqiniso. UNkk Mathebula utshele leli phephandaba ukuthi incwadi yakhe iphinde ifundise abantu ngokuthi kungani ubudlelwane bubhidlike, wabe esebanxusa ukuthi noma ngabe zikhona izihibe nezinqinamba ohlangabezana nazo empilweni kodwa hlala kuJehova , uthandaze ngoba yena ungiyise noma umyeni wabefelokazi nabakhathazekileyo. Uthe noma ngabe uyabona ukuthi ubudlelwane buyafadalala kodwa uthando lukaNkulunkulu luhlale lukhona njalo ngasosonke isikhathi , kuphela konke kubhekise kuye. “ Abantu abaningi babhekene nezinselelo zokuhlukumezeka emakhaya okuphinde kube nomthelela omubi ekukhuliseni izingane kodwa abantu konke lokho mabakubeke kuMdali. Lencwadi ibhekiswe kubantwana, abesifazane kanye nabesilisa , abayizisulu zokuhlukumezeka emakhaya, kanti lencwadi ibhekiswe entsheni kanye nakwabadala,” kulanda yena. Nkk Thuli Mathebula uneDiploma kwezemfashini (Diploma in fashion and designing), ayithola esikhungweni i-Lindiwe khuzwayo Academy kanti futhi wathatha nezifundo zobuhlengikazi kwi nursing with Netcare Academy. Uqhube wathi uke wasebenza ewadini iPaediatric iminyaka ewu-13, waphinde wathola isithifiketi kwi drill in child abduction kanye nefire drill. Uqhube wathi waphinda wandlulela e-Unisa lapho athola khona iqhuzu, noma iziqu ze BED (BED degree), egxile kufoundation phase kanye ne Early Childwood. Uthe ngaphinde ngabhalisa futhi ngafundela TEFL English njengolimu lwabokufika e-United kingdom( Studied with TEFL English Foreign Language from UK in 2021), ngonyaka u-2021. Uthe kumanje ngiqhuba izifundo ze transformational life coaching with Mindfit Academy. “ Iphupho lami wukuthi ngisize bonke laba abaphuma endleleni ngiphinde ngibabuyisele endleleni. Uthe incwadi yakhe yethulwa (launched) ,eLuthuli Museum eKZN Groutville, kanti futhi useke waba nenxoxo nomsakazo i-Rise FM, Heita FM, VMC Planet Radio Station, Ikwekwezi kanye North Coast Courier. Uqhube wathi incwadi yakhe yethulwe kulonyaka mhlaka 24 May 2024, lapho ethi wayephelekezelwa nguMqondisi wezomtapo wolwazi lapho kwakukhona amathishela kanye nabafundi. Uphethe ngokuthi uke wabhalwa iGet magazine ngomsbenzi wakhe wokukhipha incwadi manje kulenyanga esikuyo August. Uma ufisa ukuthola lencwadi ungaxhumana naye ngoba yikafakwa ezitolo kulezinombolo:0848847179.