Tuesday, July 1, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home community

UMasipala wesiFunda Amajuba uphika izinsolo zokuthi abasebenzi bangase bangaholi

by Langelihle Chagwe
February 24, 2025
in community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Share on FacebookShare on Twitter

UMASIPALA wesiFunda Amajuba usekhiphe isitatimende sokuqinisekisa abasebenzi kanye namakhansela ukuthi imihholo yabo ya nyanga zonke bazoyithola ngaphandle kwezihibe.

Ukusho lokhu emva kwezinsolo ebesezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezithi abasebenzi kanye namakhansela aloMasipala Amajuba angase angayitholi imihholo yawo yokuphela kwenyanga njengoba bekhungethwe zinkinga zamakhompuyutha.

“ Thina njengoMasipala wesiFunda Amajuba sithanda ukuziqhelelanisa nalezi zinsolo ebese zisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezithi amahholo okuphela kwenyanga uFebhuwari ngeke ziwathole izisebenzi. Lokhu osekusabalele ezinkundleni zokuxhumana kungamampunge futhi kuyadukisa,” kusho oyibamba lemenenja eMajuba uMnuz Thulani Dube, eqhuba ethi uMasipala uke waba nezinselelo zokungasebenzi kahle kohlelo lwamakhompuyutha olusha okungu-Microsoft 365, okudale ukuthi singakwazi ukuthumela amameyili siphinde siwathole, singakwazi nokuthola amadokhumente nokunye ngenxa yalo loluhlelo olusha lwezobuchwepheshe.

Uqhube wathi esitatimendeni abasebenza ngezobuchwepheshe babhizi balungisa isimo (

Information and Communication Technology Team working on it), phecelezi ICT , babhizi balungisa isimo samakhompuyutha.

“ Sithanda ukukubeka sobala ukuthi noyibamba leMeya eMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu ubengakaze atshelwe ukuthi kungase kwenzeke ukuthi izisebenzi kanye namakhansela , bangahholi ukuphela kuka Febhuwari, kodwa zona izindaba zangaphakathi bese ziputshukile,” kulanda uMnuz Dube.

ADVERTISEMENT

Uqhube wathi esitatimendeni ubonga kakhulu ngokubekezela kwabavakashi, abasebenzi kanye nawo wonke umuntu ngokubabekezelela njengoba bekukhona lesi simo sokungasebenzi kahle kwamakhompuyutha.

“Noma ngabe inkinga ka Microsoft 365 ibikhona, kodwa ikhona indlela ebekuzoqinisekiswa ngayo ukuthi abasebenzi namakhansela bayahhola,” esho.

Uqhube wathi esitatimendeni besizoba nalo uhlelo lokuthi sithumele izisebenzi ebhange ukuze kukhululwe imihholo yazo.

 “ Lokhu sikubona kuyichilo ukuthi abantu basabalalise amampunge ezinkundleni zokuxhumana,” kuqhuba uMnuz Dube.

Uthe esitatimendeni ukuthi noma ngabe ibikhona inselelo yezobuchwepheshe ICT , besingeke sibenenkinga yokuhholela izisebenzi.

Uthe esitatimendeni lokhu esibhekene nakho bekungesiyona inkinga enkulu njengoba bekusatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana futhi bekungenasidingo soukthi sekungaze kusatshalaliswe ngalolu hlobo.

Uphethe ngokuthi bekungenasidingo sokusabalalisa amampunge kanti uma kukhona abanemibuzo bangaxhumana noyibamba lemenenja uMnuz Thulani Dube kulezinombolo 034 329 7200 noma kulezi 077  476 6460 noma kulemeyili  mm@amajuba.gov.za or sboneloc@amajuba.gov.za

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

I-Bahlokazi FC , ibhaxabule ama Toyota Tazz FC ngamagoli amabili kwelilodwa, eNormandien

Kufundiswe ngokunakelela isikhumba kwabebala elimhlophe, eMadadeni

by Langelihle Chagwe
June 23, 2025
0
3

KUNGENKATHI  bekuqwashiswa ngokunakelelwa isikhumba. Izithombe.ZITHUNYELWE KUFUNDISWE  ukunakelelwa kwesikhumba kulaba abaphila nebala elimhlophe emcimbini obubanjelwe  esibhedlela saseMadadeni, eNewcastle, eNyakatho, neKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu...

Uhulumeni ugxeka isigameko sokudutshulwa kubulawe Induna uGwala, eThekwini

Isitholakele indiza ebidukile

by Langelihle Chagwe
June 10, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi usendlulise amazwi enduduzo emva kokuba abantu abathathu abebeduke...

Kulindeleke imimoya nezimvula ezinamandla ezinxenyeni zesiFundazwe saKwaZulu-Natal

by Langelihle Chagwe
June 10, 2025
0
3

KULINDELEKE imimoya nezimvula ezinamandla ezinxenyeni ezithize esiFundazweni saKwaZulu-Natal. Kubikwa ukuthi abezangoma zezulu (South African Weather Services ), phecelezi SAWS, sebeqagule...

Owesifazane useshicilela incwadi ebuyisa ithemba kubantu

Owesifazane useshicilela incwadi ebuyisa ithemba kubantu

by Langelihle Chagwe
May 29, 2025
0
3

NGUMBALI wencwadi uNksz Neliswa Khoza. Kwesingezansi nguNeliswa Khoza kanye nabangani Izithombe.ZITHUNYELWE OWESIFAZANE uNksz Neliswa Khoza useshicilele incwadi esihloko sithi ‘Vuka’...

Injabulo umndeni wakwaMabizela unikelelwa ngezingubo zokulala, igilosa e-Uikuik

Bhekani izindawo okumele niyohlala kuzo

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

KUNGENKATHI bekunokhukhulela womkhuleko.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE BHEKANI izindawo okumele nakhe kuzo futhi niqinisekise ukuthi anakhi izindlu zodaka. Lamazwi ashiwo nguMnuz Mcedisi Fakude...

Injabulo umndeni wakwaMabizela unikelelwa ngezingubo zokulala, igilosa e-Uikuik

Injabulo umndeni wakwaMabizela unikelelwa ngezingubo zokulala, igilosa e-Uikuik

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

NGABANIKELE ngokudla nezingubo zokulala.Isithombe.LANGELIHLE CHAGWE KUBENENJABULO emndenini wakwaMabizela e-Uitkuik ngenkathi i-Trinity Ministers Fraternal ihambisana noMasipala waseDannhauser kanye nezinye izinhlaka benikela...

Recommended

Inyanga kaSeptember inyanga yamagugu nokungcebeleka

Kuvulwe ngokusemthethweni isikole esaqanjwa ngenqalabutho uDkt John Langalibalele Dube

9 months ago
3
UMnyango uyaziphika izinsolo zokuputshuka kwephepha

UMnyango uyaziphika izinsolo zokuputshuka kwephepha

2 years ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}