AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal, athungatha abaqothe amalunga omndeni awu-7 , okubalwa kuwo nengane eneminyaka ewu-5, abadutshulwe eHlokozi,eHighflats . ngoLwesithathu ebusuku.Kuvelile ukuthi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-natal, ULt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi , usehlanganise ithimba elizothungatha umsolwa noma abasolwa abadubule babulala lamalunga omndeni awu-7. Kuphinde kwavela ukuthi omakhelwane bezwe kuqhuma isibhamu okuthe emva kwesikhathi beyobheka bafica amalunga alomndeni edindilizile. Abandlule emhlabeni kulesigameko kubalwa kubo amalunga awu-4, amadala aneminyaka ewu-35, 38,48 newu-55 kanye nabantwana abawu-3. Abaneminyaka ewu-5, ewu-11 kanye newu-12, bonke bakwaKhambule. Kuphinde kwavela ukuthi ababulewe ngabesifazane kanye noyedwa wesilisa oneminyaka ewu-48. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda , uthe kushone amalunga awu-7 omndeni wakwaKhambule okubalwa kuwo nengane eneminyaka ewu-5. “ Amaphoyisa abikelwe ngokuqhuma kwesibhamu kulendawo esibalulwe ngenhla okuthe uma eyobheka ukuthi kwenzenjani athola lamalunga omndeni eqothwe ngenhlamvu futhi elele phezu kwedamu legazi,” esho. Uthe lamalunga omndeni abezibukela umabonakude ngenkathi kungena abantu bevulela ngenhlamvu. Uthe kusinde abesifazane ababili ngenkathi kwehla lesigameko esinyantisa igazi. “ Ngeke siphumule singakazibambi lezigilamkhuba abaqothe amalunga alomndeni. Sinxusa bonke abangaba nolwazi ngalezigilamkhba ukuba baphumele obala batshele amaphoyisa. Kutholakale amagobolondo awu-18 , ezinhlamvu abadutshulwe ngawo,” esho.UNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami ntuli usigxekile kakhulu lesi senzo wathi singesibi kakhulu ngoba noma ngabe bekuxatshenwe bekungamele kuze kudutshulwane kuze kubulawe nengane encane kangaka. Uthe ufisa babanjwe abenzi bobubi. “ Sizobambisana nomndeni futhi nathi sesisungule elethu ithimba. Sizozithwala izindleko zomgcwabo,”esho. Uthe sothumela nosonhlalakahle ukuze bayoluleka amalunga omndeni ngokomqondo. Uphethe ngokuthi lesisenzo asithinti umndeni kuphela kodwa sithinta nomakhelwane kanye nesifundazwe sonke saKwaZulu-Natal. Uphethe ngokuthi akuphele ukubulalana KwaZulu-Natal, futhi namaphoyisa aqinisekise ukuthi ayaziqoqa izibhamu ezingekho emthethweni. “ Unxuse bonke laba abangaba nolwazi ngalesigameko bayanxuswa ukuba babikele amaphoyisa aseduzane noma bashayele kulenombolo, 08600 10111,,” kuphetha uKhomishana Lt-Gen Mkhwanazi.