AMAPHOYISA aseBerea,eThekwini, aphenya icala lokubulala kanye namabili okuzama ukubulala. Kuvelile ukuthi iphoyisa ebelingekho emsebenzini lihambe laya lapho kusebenza khona intombi yalo endaweni yokudlela emgwaqeni okuFlorida, lafike lacela ukukhuluma nayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda uthe iphoyisa ebelingekho emsebenzini lihambe layofuna ukubona intombi yalo lapho isebenza khona, endaweni yokudlela, nempela intombi yaphuma yayolibona leli phoyisa ebelingekho emsebenzini. Uthe leli phoyisa azange likhulume lutho livele lakhipha isibhamu somsebenzi ,ladubula lona wesifazane ngaphambi kokusho lutho. Uqhube wathi lona wesifazane uzamile ukubaleka wangene ngaphakathi endaweni yokusebenzela ,kodwa leli phoyisa lamlandela liqhubeka lidubula yena lona wesifazane. “ Lona wesifazane uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko ,kanti abanye ababili bathole ukudubuleka ngenkathi leli phoyisa lidubula,” esho. Uqhube wathi amaphoyisa ohlobo lweMetro abezulazula asibonile lesigameko amdubula lona wesilisa, waphuthunyiswa esibhedlela kodwa naye ushonele khona esibhedlela. Uphethe ngokuthi imbangela yalokudubula ayikaziwa futhi ngeke kuhlanjiselwe odlameni lwasekhaya
Amathimba ezimo eziphuthumayo ayalekelela emijondolo eshile i-Dakota, eSipingo
AMATHIMBA ezimo eziphuthumayo (KWAZULU-Natal Provincial Disaster Management Centre, phecelezi (PDMC), isiqalile ihlanganisa usizo oluzonikezelwa emindenimi ekhahlamezekile ngesikhathi kusha imijondolo eDakota,...