NGUMSOLWA othungathwa ngelokuzama ukubulala ematekisini.Isithombe.SITHUNYELWE
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athungatha umsolwa uRichard Zwakushiwo Dlamini owaziwa ngelika ‘Masiliva’ olibe abalekela ingalo yomthetho ngo Januwari 2018.
Kubikwa ukuthi umsolwa wayezama ukubulala uSihlalo wamatekisi uMsinga Taxi Association ngoJanuwari 2018.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , amaphoyisa athungatha uRichard Zwakushiwo aka Masiliva Dlamini ngecala lokuzama ukubulala uSihlalo woMsinga Taxi Association ngoJanuwari 2018.
Uthe esitatimendeni , usihlalo woMsinga Taxi Association wabe eqeda kuphuma emhlanganweni mhlaka 2 Januwari 2018 ngenkathi uMasiliva Dlamini nomngani wakhe befika bebamba uSihlalo wamatekisi owabe ehlezi evenini lakhe base bemdubula ngesibhamu esingumjojantaba (rifle) , amahlandla amaningi ngaphambi kokuba bashaye utshani.
Uqhube wathi umgilwa wakhona ukusinda kulesigameko sokudutshulwa kanti umngani wakhe uDlamini wadutshulwa wabulawa erenke yamatekisi eGoli emva kwesikhathi.
Uqhube wathi esitatimendeni, uDlamini naye onetekisi esuka eGoli iye eMsinga kukholakala ukuthi ubhace khona eGoli.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , kunxuswa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngoDlamini ukuthi ukuphi ukuba ashayele uWarrant Officer Mbatha kulezinombolo 076 525 1793noma ku Crime Stop 08600 10111.