UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu,uMfu Thulasizwe Buthelezi , uthanda ukuxwayisa izakhamuzi nganaqola asebenzisa igama lakhe ezinkundleni zokuxhumana uFacebook, athembisa abantu umsebenzi bese efuna imali yokugwazela. Uthe le akahuwunti yeFacebook abayisebenzisayo akusiyona eyakhe , futhi yena awukho umsebenzi awukhangisayo, amaqola azama ukudicilela igama lakhe ezibini, ngo ba ezifunela imali. Uqhube wathi ngiyanixwayuisa ngalamaqola ukuba ningalokothi niwanike izimali zenu. Uthe yonke imiyalezo yomnyango bayenza ekhasini lomnyango elithi http//www.faceboo.com/kzncogta. “ Njengomyango asikaze sifune imali uma kumele siqashe abantu, futhi lokho kwenzeka kulandelwa imigomo ebekiwqe yokuqashwa kwabantu,” esho esitatimendeni uNgqongqoshe Buthelezi. Uthe abantu kumele bazibheke izinto ezingekho emthethweni futhi okuhloswe ngazo ukuqola abantu. Kunezindlela abantu okumele bazilandele ekugwemeni ukungabi zisulu zamaqola. “Ukubheka izinkundla zokuxhumana ukuthi ziqinisekisiwe yini, noma zisemthethweni. Bikani ngama akhawunti eningawaqondi kahle futhi lana azenza amele imiphakathi. Gwemani ukuhambisa noma ukunikezela ngemininingwane yenu eyimfihlo kanye nokukhokha izimali ngoba nifuna imisebenzi.,” esho. Uphethe ngokuthi umnyango usuzibikile lezigameko kwabezomthetho kanti laba abenza lenzo bazothathelwa izinyathelo ezinqala bashushiswe, wabe esexwayisa umphakathi ukuba uhlale uqaphile ungaze uphenduke izisulu.