ASIKHO isikhathi sokuphumula eMzinyathi! Lokhu kufakazelwa wukuthi kuthe kuvulwa emsebenzini, uMasipala wesiFunda uMzinyathi wahlala amagqozo emsebenzini, wahambela kuWadi 6 kwaJiza, eMsinga ngaphansi kukaMhlonishwa uKhansela P Dladla uhambise ijeneretha eyacelwa ikomiti labalimi balenawo , ezobasiza ukuba ukubaphambela amanzi emasimini abawalimayo.IMeya yomkhandlu woMzinyathi uMhlonishwa Petros Ngubane uthe lomphakathi waseJiza ubulima phambilini, ufuyile kodwa ngenxa yezinkinga okubalwa kuzo ukushoda kwamanzi baphelelwa umdlandla. “ Uma sebevuka bezithatha bebhala incwadi becela ukusizwa ngejeneretha sathi ngeke singasukumi sibasize ngoba benza into enhle yokubuyela emasisweni balime,” esho, eqhuba ethi namahlanje silethe ijeneretha kanti futhi kukhona ithimba elizoletha izimbewu nocingo lokubiyela amasimu. Uthe sizophinda sibaxhumanise noMzinyathi Development Agency okuwuphiko lwethu lezolimo ukubalekelela ukuya phambili.. Ukhansela Dladla ubongele kakhulu ikomiti labalimi ngokufezekisa kwephupho labo ngokulekelelwa uMasipala uMzinyathi. Uphinde naye wagixabeza abafuyi balendawo ngediphu elisusa amakhizane emfuyweni. Uma sithi uMzinyathi usebenzela abantu enhla nasezansi asidlali sisho