KUNGENKATHI kuyokwthulwa amanzi ahlanzekile eMudeni.
UMHLONISHWA uMeya wesiFunda uMzinyathi ukhansela Petros Ngubane uvule i-borehole esebenza ngamandla kagesi adle isamba sika-R500 000 eMuden. Kuvelile ukuthi abantu bakuwadi-11, eMuden ,bese kunesikhathi eside bephakelwa amanzi ngamaloli ingekho ingqalasizinda eqondile ebihlinzekwa umphakathi ngamanzi. Kuphinde kwavela ukuthi uMeya Ngubane ,ethula lamanzi unxenxe umphakathi ukuba uwaphathe kahle la manzi ungalimazi ingqalasizinda .”Lamanzi esizowavula namhlanje kasiwavuli ngoba sizovota ngoba ukube kunjalo ngabe ngemuva kokhetho besizowavala engabe esaphuma,” esho uMeya Ngubane. “ Asincengi ivoti ngezidingo zomphakathi nangemali yenu,” esho. Uthe le mali esivule ngayo lamanzi ngeyenu ninelungelo eligcwele lokuthi niwathole, “Namhlanje siseMbalane 3, kwaWadi 11,” esho. Uqhube wathi ngoLwesithathu sikaSikobho ewadi-13 nakhona yiyo leyo ndaba sivula amanzi. Imeya iphinde yaphendula inkulumo kaNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa- Dube- Ncube ngomasipala abangenzi kahle ayisho emsakazweni uKhozi FM izolo.