NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE
KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele.
Ngihamba nobaba uDokotela Irvin “Iron Duke” Khoza esikhumulweni sezindiza, indoda esikhulile yeza kubaba uKhoza yathi ngolwimi lwesiswati, “cha mfana Khoza,” okusho ukuthi unzima ngesiZulu.
Insizwa endala yayincoma ukujula kobuhlakani okaKhoza akufumbathiswe ngumdali ekuholeni nasekuphathweni kwebhola. Ngokujwayelekile, wabonga ubaba uKhoza ensizweni endala, wase eyipha imali engango-R5000 yokuthenga isinkwa sabantwana.
UKhoza loyo engiyizwelayo nanoma iyiphi intatheli engakaze ilithole ithuba lokuxoxisana naye. UKhoza akagcini nje ngokuba incithabuchopho, kodwa uneziqu ze-MBA kanye ne- PhD azifundela e-University of the Hardknocks of Life.
Ngikhuluma ngendoda enokuqonda okujulile nokwahlulela kwesimilo. Ukunquma (decisiveness) kwakhe kanye nekhono lakhe kuyamangalisa. Umholi wezinkathi zonke ( A man for all seasons), osimilo sakhe esiqinile asisona sesikhathi esithize sonyaka, kodwa siyathandeka futhi siyavumelana nezimo zezikhathi zonke zonyaka.
Angiqondile ukukhuluma ngoKhoza kodwa ngizama ukundlalela ngokuthi isihloko engifisa ukukhulu ngaso kafushane kusihlwa sazaleka engqondweni yami ngesikhathi nginengxoxo noDokotela uKhoza. Ngikhala kuye ngokungaboni ngaso linye emndenini mayelana nodaba olwalubucayi, uDokotela uKhoza waphendula wathi awukho umuzi onganayo indlu yangasese ( toilet).
Ngake ngathi ukudideka kancane ngempendulo kaMkhathini, okungesinye sezithakazelo sakwaKhoza. Wena okaKhoza ukuthi yonke imizi inezinxushunxushu zayo; inokunuka kwazo okungabekezeleki ncimishi njengendlu yangasese.
Kunjalo nina beSilo, akugcini nje emindenini. Nakwipolitiki izindlu zangasese zinuka phu, abanye baze bazibalekele izinhlangano zabo bajoyine ezinye. Bethi besanethezekile enhlanganweni entsha liqale lizwakale iphunga lobuqembuqembu (factions).
Ezinkonzweni into efanayo. Ukube bekungenjalo, ngabe akukho lokuhlukana kwamabandla amakhulu afana noZCC kanye naMaNazeretha. Yiyo njalo indlu yangasese nokunuka kwayo okungabekezeleki.
Indlunkulu yethu kaZulu ifakane ezinkantolo yiyo belu indlu yangasese. Ngisaphinda ngiyasho ukuthi iphunga elibi lendlu yangasese yaseNdlunkulu liyodambiswa noma liyoqedwa nya isidambisi noma i- air freshener etholakala kagogo, emsamo, hhayi ezinkantolo. Etholakala ezinkantolo isidambisi esifana noshibhoshi, esikucimayo ukunuka okubi kodwa bese naso sishiya elaso iphunga. Endlunkulu sidinga isiqeda phunga elibi eliyoshiya umoya ohelezayo onuka kamnandi.
Umlayezo wami ngalombhalo ngiwuqondise kakhuli emindenini. Ngiyanxusa emindenini yonke izindlu zawo zangasese okungasangeneki kuzo ukuthi okungapheli kuyahlola. Lesi isikhathi sokuhlangana kuhlanzwe izindlu zangasese isikhathi sisasekhona ngoba nengoma iyasho ithi uma ikusasa lingafiki (If tomorrow never comes). Isikhathi sokuzehlisa noma wazi kahle ukuthi awenzanga lutho emndenini ngendlela ongathandwa ngayo sifikile. Sonke indawo kagogo isilindele ukuba sihlale phansi sixazulule izinkinga.
Kungakuhle imindeni inxenxe labo abanolimi oluhle ekukhulumeni uma sekuhlalwa phansi kubuyiswana. Ngikusho lokhu ngoba ukunuka okungabekezeleki kwendlu encane kugcina sekuziveza ngolwimi abanye abamalunga emindeni abagcina sebaziwa ngakho.
Ngamafuphi, bakhona abanye bomndeni amakhono abo okukhuluma umuntu angawafanisa nokunuka kukashibhoshi, okusho ukuthi noma benalo ikhono lokukhuluma, inkinga isekutheni ukuxazulula kwabo kunayo inselo yokushiya iphunga elifana neleshiboshi. Lokhu kusho ukuthi abaxazululi abanjalo imindeni kufanele idlalele kude nabo. Lapha sidinga abaxazululi abazoba yilama air-freshener aletha iphunga elimnandi, ungaze udle i-malva pudding kuleyo indlu yangasese obekungasangeneki kuyo.
Kuyoyonke imindeni ehlaselwe amaphunga anukayo okungezwani, kudingeka kujutshwe amalunga anolwimi oluhle lokwakha.
Sengiphetha, ngake ngalalela uhlelo kwezinye zeziteshi zemisakazo lapho isihloko sasithi ‘uma ungafa, ubani ongeke ufise awuhambele umngcwabo wakho.” Izimpendulo ezaqhamuka zibe nawo umthelelo ekutheni ngibhale lombhalo.
Usichaza kanjani isifiso somuntu othi ufisa umama noma ubaba wakhe angalibhadi emngcwabeni wakhe noma wengane yakhe ngoba uma enza njalo, uyombulala. Sengihlaziya ngingedwa, ngawugxeka umsakazo ukuthi uqhamuke nesihloko esibhebhethekisa inzondo emindenini.
Njengamanje sidinga izihloko ezigqugquzela ukuthula nokuthandana. Sonke sinenselelo yokuwakhumula amabhantshi anuka indlu yangasese; amabhantshi enzondo. Sidinga ukubuyisana ngoba kungenzeka ukuthi luthi lufika ugqozi lokubuyisana kutholakale ukuthi sekwephuzile ngoba ikusasa kunzeka lingafiki.
Ngiyamthanda uDr Irvin Khoza uma esecaphuna isisho esithi, “you cannot dry today’s washing with yesterday’s sun” is a proverb or idiom. It means that you cannot use the past to solve or fix current problems or situations. The sun on a previous day is gone and cannot be used again. Similarly, you cannot use past events or circumstances to deal with present challenges. This idiom is also used to describe the fact that you can’t rely on past experiences or actions to determine the outcome of current events.
Ngimthanda kakhulu okaKhoza uma ethi: “You can prepare a team to win but the victory lies with God.” Mkhathini! Uyisikhokho!
Dr Vusi Shongwe
Pietermaritzburg