UKHALELWE ngamasongo ka S’Gonyela umsolwa oneminyaka engu-61, emva kokusolakala ukuthi ubakha itulo lokubulala uJenene Francis Slambert, wesiFunda Umzinyathi, eDundeee. Lomsolwa uboshwe ngesonto mhlaka 26 November 2023, abophiko lwe-Provincial Organised Crime Unit.” UJenene Slambert uthathe izintambo zokuphatha Umzinyathi District, ngonyaka ophelile 2022, kanti usesinde kabili bezama ukumthela othulwini ngenhlamvu. Kuvelile ukuthi ngo May kanye no August nonyaka bazamile ukumdubula kodwa behluleka. Kuvelile ukuthi uJenene Slambert wawuthatha lomsebenzi ngoba engesabi lutho futhi engakaze asatshiswa.Isisho sithi umthanyelo omusha uthanyela kahle kakhulu! Kuvelile ukuthi ukufika kuka Jenene Slambert ,izigebengu ebezichanasa zibhincele nxanye yingakho sezimfuna efile. “Indoda esatshwayo futhi eyaziwayo eDundee ukuthi ishushumbisa izidakamizwa , iyona lena esiyakhe itulo yaphinde yathengela uJenene Slambert izinkabi ezimbili ukuba zimsoconge. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFundazweni uCol Robert Netshuinda , udaba lube selubikwa kusiFundazwe saKwaZulu-Natal ,esibe sesihlanganisa ithimba elibophe lendoba. “ Amaphoyisa abe esethola incwadi yokubopha lomsolwa eNkantolo yesiFunda i-Newcaste, wabe eseyaboshwa lomsolwa eboshwa esekhaya lakhe eliseDundee. Uqhube wathi ngenkathi eboshwa umsolwa utholakale nesibhamu esohlobo lwe.270 hunting rifle, esisemthethweni. Ukuboshwa kukamsolwa bekuhambisana nogugujwa kokusuku lokulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane Kanye nabesifazane okufakwa kubo nabesifazane abasebenza embuthweni wamaphoyisa. Umsolwa uvelile eNkantolo kaMantshi wesiFunda eNewcastle icala lakhe lahlehla uzophinde avele maduzane ebhekene nalo leli cala lokwakha itulo lokubulala.