IBANDLA i-Life Changing Ministries kuleliviki lizobe lihlanganise abantwana ohlelweni olubizwa nge-Kids Conference. Ngokusho kukaMphostoli Thandanani Goodman Nala ongumfundisi nomsumguli webandla uthe, loluhlelo baluqala eminyakeni emithathu eyedlule, lapho behlanganisa izingane ezilingamiselwa eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi nesikhombisa eziphuma emindenini ehlwempu, ezikoleni, emphakathini kanye nasemabandleni awehlukahlukene njalo makuphela unyaka.
“ Kulenkomfa abantwana benza imidlalo eyahlukehlukene baphinde babenezinxoxo etafuleni ezithinta ukukhula nokuphepha kwabo, lapho besuke khona beqwashisana , nokuqwashisa ngenkathi bevela nezixazululo ezingagwema ukuthi bangazitholi impilo zabo ziyizigqila zobubi obufana nokuhlukumezela ngezidakamizwa. Bafundiswa imidlalo ethile efana nemidlalo yeshashalazi, okuyiyona ephinde ibagqugquzele futhi ibafundise izifundo ezithile,” esho .Uqhube wathi kulonyaka ibandla liqale ukwenza izinhlelo zale nkomfa ngasekuqaleni konyaka, lapho kwakhiwe khona I-Kids Wednesday, okuyilapho abantwana behlangana esikhungweni salelibandla ukuyofunda amakhono ahlukahlukene njengokulima,ukuthunga, ukupheka, ukudlala imidlalo eyahlukehlukene ,kanye nezindlela zokwenza ibhizinisi. “Lokhu sikwenze ngoba abanye abantwana kuyabashaya ukuthi bafike ngenkomfa, lapho kusuke kuhlangene abaningi khona, ngoba abasitholi iskhathi esanele sokubakhona. Uqhube wathi i-Kids Wednesday, iqoqa yonke imininingwane ngalokho abasuke bekwenza, bese kuzothi ngenkomfa benze izethulo, baphinde bathole nezindondo zomsebenzi abawuqhuba phakathi nonyaka,” esho Uqhube wathi akukhethwe muntu ukuba yinxenye yohlelo, kanti futhi iSonto liyabalekelela abantwana abangenamalii yokugibela ngokuthi libahlangabeze edolobheni eNquthu , eNyakatho, neKwaZulu-Natal, ngezimoto zesonto mahhala. “I-Kids Conference, yalonyaka izoqala mhla zingu- 3 kuya ku-5 November2023, e-Life Changing Ministries Centre ,esigodini sakwaNkalankala eNquthu, izimoto zizoqala ukuqoqa abantwa ngo-4 ntambama eNquthu eDolobheni. Imininingwane egcwele ningashayela noma uWhatsapp kuMphostoki TG Nala +27 83 519 6046