NGUSIYABONGA Mazibuko, ogixabezwe ngesihlalo esinamasondo iqembu loMkhnto Wesizwe
YEFEZE isethembisa inhlangano esanda kusungulwa Umkhonto Wesizwe, asenza kunina womfana ophila nokukhubazeka ngenkathi bengena umuzi nomuzi begaya amavoti kulolukhetho lwezifundazwe kanye nolukazwelonke obelubanjwe ngoLwesithathu olwendlule. UMnu Siyabonga Mazibuko waseMadadeni esigcemeni sesihlanu (Section 5), ukhombise ukujabula okukhulu ngenkathi enikezelwe ilamalunga aleliqembu isihlalo esinamasondo phecelezi i-wheelchair. Kuphinde kwabonakala ukuthi unina walomfana kanye naye umfana nomndeni abakwazanga ukufihla injabulo ababe nayo ngenkathi Umkhonto Wesizwe esiFundeni Amajuba uyoveza isethembiso sokunikela ngesihlalo kulomfana ophila nokukhubazeka. “ Okhulumela Umkhonto elingadalulwanga igama lakhe uthe sabathembisa ukuthi sizobuywa emva kokhetho silethe lesihlalo, manje sikwenzile ngoba sisihambisile njengokwethembisa kwethu,” esho. Uphethe ngokuthi sibeka izimpilo zabantu phambili njengeqembu, sifuna ushintsho lolu okudala abantu bengalulindele.