‘PHANSI ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane Phansi! Lamazwi ashiwo nguKhomishana wesiFunda uMzinyanthi , uMaj-Gen Francis Slambert, ngenkathi beguzokhuzwa kuphind kulwisane nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane olugujwa minyaka yonke olubizwa ngokuthi” 16 Days of activism Against Gender based Violence Women’s and Chidren and Femicide.” Uthe akubanjiswane kulwisane nalesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabesifazane. Uqhube wathi akungenziwa lokhu uma kuyinyanga kaDecember kuphela, kodwa akwenziwe unyaka wonke ngoba kuyabonakala ukuthi izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabesifazane kwenzeka nzuku zonke kanti futhi kuyandlondlobala. Uthe ngalomkhankaso kuhloswe ngawo ukuthi cha sekwanela akuyekwe ukuhlukenyezwa abesifazane nezingane, kanti kumele kuqedwe nya. “ Kumele sizibophezele sonke njengamalunga omphakathi ukuthi siyalwisana nalesihlava esibi esesindlule nemiphefumulo eminingi,” esho. Uqhube wathi kumele siqinisekise ukuthi siyalubuyisa usiko kanye nokhondolo lokuhloniphana, ukulingana kanye nokuphepha sisemiphakathini esiyakhele. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uzibike izigameko ezifuze lezi emaphoyiseni, noma kosonhlalakahle futhi ungahlali ebudlelwaneni obuhlukumezayo. Uphethe ngokuthi kumele kuqinisekiswe ukuthi izisulu zalokhu ziyanakelelwa futhi ziyasekwa kwezindlule kuko, kanti nengalo yomthetho kumele idlale indima yayo. USonhlalakahle uNksz Khumalo, uthe kubaluleke kakhulu ukuthi abantu bakwazi ukuthi kuyini ukuhlukunyezwa. Uthe kubalulekile ukuthi basebenzisane njengezinhlaka zikahulumeni, ukuze kulwisane nalesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane. Uthe bona njengosoNhlalakahle basebenzisana kakhulu namaphoyisa, ekulwisaneni nasekuqwashiseni abantu ngokuhlukunyezwa egameni lothando. UMqondisi eMnyangweni weZemfundo eMzinyathi , uMnu S Keswa, ugcizelelile ukuthi izinhlaka zikahulumeni kanye nabazali akusebenziswane. Uthe ingane noma ngabe iyiphi ayiphathwe kahle ingabe isesikoleni noma ngabe ayikho khona. Uqhube wathi indlela okukhuliswa ngayo izingane emakhaya iyona edala izinkinga ezikoleni ngoba ingane iphenduka ibhoklolo ngenxa yendlela ekhuliswe ngayo ekhaya, noma ekubona kwenzeka ekhaya. “ Izehlakalo zokudlwengulwa kwezingane azibikwa,” esho, eqhuba ethi lokhu kufiphalisa ikusasa lengane ngoba igcina ingasenzi kahle ezifundweni zayo. Lomkhankaso ubuhanjelwe i-District Personnel, Iziteshi zamaphoyisa ezingaphansi koMzinyathi, VISPOL Commanders, Social Development, Social Crime Co-Ordinators, District CPF, Youth Desk, Department of Community Safety and Liaison, Department of Correctional Services kanye noMnyango weZemfundo eMzinyathi.