KUNGENKATHI kugixabezwa abakhahlamezwa zikhukhula ngezijumbana.
INJABULO ibibhalwe ebisweni ngenkathi izisulu eziwu-500, zigixabezwa ngezijumbana inhlangano engenzi nzuzo i-Emadlangeni Skills Development Academi, eyasemadlangeni eNyakatho neKwaZulu-Natal. Lenhlangano esibalulwe ngenhla ibihambisana ne-Industrial Development Corporation (IDC), ukuyolekelela le mindeni. Kuphinde kwavela ukuthi lezijumbana zigcwala indlu ngoba kuzo kukhona 25kg Maize meal, 10kg Rice, 10kg Flour, 10kg Brown Sugar, 22 cooking oil, 5kg sugar beans, X6 Tin fish, Soups, Salt, Tooth paste,Sanitory towels, X2 Sunlight Bar Soap, Vegetables , afana ne Potatoes, Beetroot, Butter Nut kanye no Onions. Ngokusho komphathi walenhlangano engenzi nzuzo, uMnu Mgazi Ntshangase, baphinde banikela ngezingubo ezimbili kanye nesipontshi kuzisulu. Abahlomulile abaseDundee kanye naseDannhauser, abakhahlanyezwa zikhukhula zikaDecember 2023 kanye nezakulonyaka-2024. “ Sihambele lezindawo siyi Emadlangeni Skills Development Academy, sisuka endaweni yase-Utrecht emva kokuba sibahlonzile bonke laba abakhahlamezeka,” kusho yena uMnu Ntshangase. Uqhube wathi basungla lenhlangano ngo-2019 kodwa base beyibhalisa ngokusemthethweni ngo-2021 kwaCIPC ngaphansi kweDepartment of Social Development. Umphathi ukuvezile ukuthi ubambisene no Nksz Sibahle Buthelezi kanye Nksz Busisiwe Mhlanga. Uthe inhloso enkulu yalenhlangano yabo ukufundisa intsha ngamakhono kwi-Sewing, Agricultural Farming, Welding kanye neCarpentry. Uqhube wathi inhlangano yabo ibhalise ngaphansi kwe FP&M Seta for Clothing Manufactoring NQF Level 6. Uphinde wathi ba accredited with AgriSeta for Crop Production NGF Level 3 kanye ne-Animal Farming NQF Level 6. Uphethe ngokuthi intsha ayize esikoleni sabo samakhono ngoba kuyabonakala ukuthi ayisekho imisebenzi.