ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa.Isithombe.SITHUNYELWE
BAVELE kafushane eNkantolo kaMantshi wase Margate abasolwa abayisithupha abaneminyaka engu-28 kuya kwengu-41 ,ngamacala okubalwa kuwo elokuthumba, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nokutholakala nezibhamu eziyisishiyagalombili ezingekho emthethweni.
Kubikwa ukuthi laba basolwa baboshwe ngoLwesibili ngamaphoyisa oPhiko lwe Port Shepstone Tactical Response Team (TRT) kanye nabaseshi base Margate , njengoba bebefuneka ngecala lokuthumba , elokubamba inkunzi kuhlonyiwe kanye nelokutholakala nezibhamu.
“La macala bawenza mhlaka 30 Mashi 2025 e-Margate,” kusho okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal esitatimendeni, uColonel Robert Netshiunda.
Uphinde wakuveza ukuthi owesilisa oneminyaka engu-39, wabe esethi uyongena emotweni yakhe esemzini wakhe e-Constanz Drive, e-uVongo, eMargate, ngenkathi abasolwa abayisithupha bembamba ,bamkhomba ngezibhamu , ehamba nowesifazne owake wasebenza kwamasipala njengomsizi wakhe ,(Personnel Assistant), phecelezi P.A.
“Laba basolwa babe sebembamba bamusa endlini yakhe ngaphakathi, base bemphoqa ukuthi makandlulisele (transfer) , isamba semali kwi akhawunti ya lowo owabe engumsizi wakhe, babe sebephoqa umgilwa ukuba angene emotweni yakhe , baya naye lapho kufakwa khona uphethiloli ku-N2 northbound, baphinde bamphoqa ukuba andlulise enye imali kuleyo akhawunti,” kusho uColonel Netshiunda.
Uthe esitatimendeni, baphinde bamphoqa ukuba andlilisele enye imali kuleyo akhawunti , wabatshela ukuthi ayisekho, wabe esenqunyelwa umqamlajuqu wango mhlaka 1 Ephreli 2025 ukuba, ayindlilisele lemali kuleyo akhawunti (transfer money).
“ NgoLwesibili mhlaka 1 Ephreli 2025, amaphoyisa abe esenza umkhankaso wokuthungatha unqondonqondo oyilona wesifazane, abe esebopha abasolwa abayisithupha kanye nalona wesifazane,” kusho uColonel Netshiunda.
Uphethe ngokuthi laba basolwa bazophinde bavele kuyo lenkantolo maduzane bebhekene nawo lamacala kanti asathungatha omunye umsolwa.