NGUNGQONGQOSHE evakashele eKennedy Road ephethe lokhu okubika ngolilo. Isithombe.SITHUNYELWE
NGUMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), ozothwala izindlelo zokugcwaba wababili abashone kuqubuka umlilo emijondolo ekuKennedy Road, eThekwini ngoMgqibelo.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe uMfu. Thulasizwe Buthelezi, esitatimendeni, ngesikhathi ehambele ukuyozibonela ngokwakhe umonakalo owenzeke kulendawo noshiye ingqwaba yabantu besele dengwane.
“Kule ndawo eyakhelwe yimijondolo i-Kennedy Road, kushe imijondolo engamashumi ayisshiyagalolunye nanhlanu (95), kwadlula emhlabeni owesifazane oneminyaka engamashumi amabili nesithupha (26) kanye nengane enezinyanga eziyishumi nesishiyagalombilik (18),” kusho isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango, wakwaCogta uMnuz Senzelwe Mzila
Uthe esitatimendeni ehambele kulendawo uNgqongqoshe uButhelezi, uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokuqubuka komlilo kulezi zindawo zokuhlala njengoba sekungumlilo wesine lona ezinyangeni ezimbili.
“Kubalulekile ukuthi niqikelele uma nisebenzisa izimbawula noma yiluphi uhlobo lokuzifudumeza. Safaka lokhu okukhalayo makunentuthu (smoke dectator), ngoba senzela ukuthi kuhlengeke impilo yabantu bakithi. Kulokhuke bekungekho obekungenziwa ngoba bebekhiyelwe abantu abashonile nokuyinto nayo esiyikhuzayo,” kusho uButhelezi esitatimendeni.
UMzila uthe esitatimendeni ngesikhathi uNgqongqoshe ehambele kuKennedy Road, uye kobhonga emswaneni emindenini yabashonile wathi uMnyango wakwaCogta uzokwenza konke okufanele ukuqinisekisa ukuthi bangcwatshwa ngesizotha.
“Lapha ubehamba nezinhlaka ezahlukene nazo eziphinde zelula isandla ukusiza abathintekile ukuze balale bedlile,” esho.
“UNgqongqoshe uthe uzoxoxisana nomasipala weTheku ngodaba lwabahlali bakuKenney Road ngoba kuningi ukungenelela okudingakalayo njengoba nendawo abahlala kuyona iphinde ibe nemfucuza eningi engaqoqiwe.
“Kakuyona indawo elungele ukuthi ningahlala kuyo noma nikhulisele izingane kodwake ngenxa yokungabikhona komhlaba kakukuningi nathi esingakwenza,” kusho uNgqongqoshe esitatimendeni.
Ube esenikezela abakhahlamezekile ngezingubo zokulala, ukudla, kwathi abesifazane nezingane zamantombazane banikezelwa ngokokugeza nezinto ezisetsheniswa ngabantu besifazane.
Ube esegcizelela ukuphepha njengoba kungubusika nje wathi nalabo abasebenzisa amakhandlela kumele baqikelele.
UNkz Nokukhanya Mkhize oneminyaka engamashumi amane nantathu (43), uthi useneminyaka emihlanu ehlala kulendawo, naye ube yisisulu salo mlilo.
“Ngavuswa wumsindo owawusho ukuthi kunentuthu ngaphuma nabantwana bami nesasikuphethe ngezandla.
Njengamanje siqala phansi impilo kasinalutho kodwa ngijabulile ukuthi uNgqongqoshe asihambele azosinika angakwazi ukusinika khona,” kusho yena.