NGUMANGALISO SITHEBE, Inkosi Ephraim Sithebe kanye nomfowabo weNkosi uMuzikayifani Sithebe. Kwesinye ngamabutho ngenkathi ehlaba inkomo. Kwesinye uMangaliso Sithebe, Inkosi Sithebe kanye neNduna uSuthasambe Mgungose. Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
BEKUSINDWE ngobethole ngenkathi bekugcotshwa kuphinde kunikelzelwa ngesitifiketi sobuKhosi kwiNkosi yakwaSithebe u-Ephraim Delani Sigwili , eKilkeel, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo (izolo).
Kuzokhumbuleka ukuthi uBukhosi bakwaSithebe buyaziwa kakhulu emlandweni futhi bukhona eMandeni lapho sekwaba khona izimboni ezaziwa ngokuthi KwaSithebe.
Inkosi yakwaSithebe ibizogcwatshwa yiNduna uSuthasambe Mpungose obehambisana nabantwana baKwaMandlakazi kwaNongoma.
Induna uMpungose yona iqhamuka ngaphansi kobuKhosi bakwaNtombela , eBabananga, eNkandla, kanti yi yona nabantwana baKwaMandlakazi abebezogcoba ngokusemthethweni Inkosi yakwaSithebe baphinde bayinikezela ngesitifiketi sobuKhosi.
Induna uMpungose ithe ngenkathi igcoba Inkosi yakwaSithebe njengoba sesiyigcobile Inkosi futhi isinaso nesitembu sobuKhosi osekusele manje ukuba siyoyithula eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu , phecelezi Cogta.
Uqhube wathi silandele yonke imigudu yokugcotshwa kweNkosi futhi siyajabula ukuthi ngaphansi kwalobu buKhosi akuzange kubekhona mbango obungavimbela ukugcotshwa kweNkosi,
Uthe njengoba seninayo Inkosi yenu kuendawo okubalulekile ukuthi niyihloniphe kuphela.
UMntwana wakwaMandlakazi uthe ethula inkulumo,” Inkosi kumele ihlonishwe, ibizwe ngoNdabezitha hhayi uBayede ngoba uBayede Isilo uqobo lwaso.”
“Inkosi iyawazi amalungelo ngesizwe sayo futhi uNkulunkulu usithandile ngoba le Nkosi ayizange ihambise izinto ngemuva (back door), njengoba ilandele imigudu efanele ukuze kubuyiswe ubukhosi bakubo , yingakho namuhla sizoyigcoba ngokusemthethweni,” kusho uMntwana wakwaMandlakazi.
Bekukhona neNkosi yakwaMabaso kanye neNduna uMncondoyacasuka Ngcobo wakwaMaphumulo, ngenkathi bekugcotshwa Inkosi othe,” Lihle izwe lenu kodwa manje selizoba lihle kakhulu njengoba selineNkosi.
Induna uNgcobo ithe ngiyanibongisa ukuba niphathwe futhi nani komele nikuqikelele ukuthi niyaphatheka.
Inkosi Delani Sithebe ithe Inkosi iyiNkosi ngabantu futhi isizwe yisona esikhulu kunami njengeNkosi yenu. Iqhube yathi Inkosi iyazalwa ,kayikhethwa yabe isitshela isizwe ukuthi akukho okuzoshintsha njengoba isiyiNkosi kodwa komele kuhlonishwanwe.
Lo mcimbi wokugcotshwa kweNkosi ubuhanjelwe ngamalunga omndeni, izakhamizi , abantwana baseNdlunkulu kanye namabutho.


