KUNGENKATHI bekunokhukhulela womkhuleko.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
BHEKANI izindawo okumele nakhe kuzo futhi niqinisekise ukuthi anakhi izindlu zodaka.

Lamazwi ashiwo nguMnuz Mcedisi Fakude ovela eMnyagweni wezezinhlekelele ngaphansi kukaMasipala waseDannhauser ngenkathi bekunokhukhulela ngoqo womkhuleko e-Gospel Revival Outreach Church, eVanjaza, kwaMdakane, eDannhauser, ngeviki elendlule obuhlelwe yi-Trinity Minister’s Fraternal , obekuhloswe ngawo ukuzokhulekela izinhlekelele kanye nokuqwashisa izakhamizi ngazo ezezinhlekelele.
UMnuz Fakude uthe izakhamizi kumele zikuqinisekise ukuthi azakhi ezindaweni ezingahlelekile futhi zingakhi izindlu zodaka njengoba uma kufika izimvula ezinamandla kanye nemimoya enamandla bazokhahlamezeka.
Amazwe omhlaba athatha izinqumo zokunciphisa ubungozi obudala izinhlekele (Disaster Risk Reduction), ngenkathi esedolobheni lase Sendai, e-Japan , ngonyaka u2015 , okuyilapho bazibophezela khona ukuthi ngonyaka u2030 , bube sebencuphile ubungozi obudala izinhlekelele.
“Kanti noMasipala waseDannhauser nawo uyazibophezela ekutheni izimo zezinhlekelele, ziyancishiswa njengoba zicekela phansi inqalasizinda, kushone izakhamizi kuphinde kufe nemfuyo,” esho.
Uthe asizilungiseleni isizini yasebusika njengoba ivamise ukuba nemimoya enamandla bese kusha imililo yequbula nayo endlula nemiphefumulo yemfuyo kanye neyezakhamizi.
“Izakhamizi kumele ziqikelele ukuthi zithenga izicishamlilo njengoba kuyisizini yasebusika,” kulanda yena.
Uqhube wathi kuna izimvula ehlobo zifice izakhamizi zingakhanga kahle lokho kuholele ekushoneni kwabantu, bese kudaleka izinhlekelele.
“Kukhona abantu abakhe izindlu zodaka vele bazokhahlamezeke uma kunemimoya kanye nezimvula ezinamandla ngoba izindlu ziyadilika. Kusukela ngonyaka u-2023 sinenkinga yokusha kwezindlu.
“Sisebenza nezinhlangano ezifana no Red Cross, abafundisi kanye nezinye izinhlaka futhi siyagqugquzela ukuthi abantu bangawaweli amabhuloho aphansi uma kunezikhukhula,” ephetha.
UMfu Sonto Thusi obevela kuMasipala Inkosi Langalibalele uthe sifuna uhulumeni asebenzisane nathi.
Uqhube wathi niyalubona loluhambo ukuthi luzoba nobungozi lapho kuzolimala impahla kanye nabantu , bashone.
“ Kubalulekile kithi ukuba sibe nolwazi ngezinhlekelele ukuze sizokwazi ukuzigwema kumasizini onke onyaka,” kusho yena , eqhuba ethi ukubhekana nezinhlekelele kubiza ukuthi thina sizihlele kahle.
OnguMethiloni eDannhauser uNonhlanhla Masuku uthe ngiyabonga ukuba yingxenye yalomcimbi futhi emnyangweni wethu wezempilo azikho izimali uma kushone umuntu noma ethathe umhlalaphansi azigcwaliswa lezo zikhala ezisuke zivulekile.
Uthe sibhekene nenselelo yezifo ezithathelanayo futhi kunezakhamizi ezithatha imishanguzo ziphinde ziyiyeke, lokho okuyingozi.
“Kukhona izifo ezifana nesohudo, isandulelo ngculazi nezinye ezikhona yingakho kubalulekile ukuba sisebenze ngokubambisana njengoba nathi sinomthelela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu. Ukugencwa kwezihlahla nakho kunomthelela omkhulu ekucekelekeni phansi kwemvelo.
Uphethe ngokugqugquzela izakhamizi ukuba zihlale ziphuza amanzi futhi zingaphumeli elangeni ngezintuba zehora leshumi kanye nelesithathu.
UNksz Gugu Buthelezi obevela kwezokuthuthukiswa komnotho uthe asenzeni iznqumo ezikahle ngemali , imali iyanakelelwa futhi iyahlonishwa.
Uthe asiyiphe ikhaya imali ukuze sigweme inhlekelele yemali.
Uphethe ngokuthi kunokufa enhlekeleleni yemali.