IHHOVISI leMeya yesiFunda Amajuba, uMntwanda Ndabuko Zulu , lithanda ukuxwayisa umphakathi ngabantu abasebenzisa i-akhawunti kaMeya yeFacebook engumbombayi, bathembise abantu umsebenzi kanti bahlose ukubaqola izimali zabo. Kuvelile ukuthi lamaqola asebenzisa inombolo ethi-062 404 6689, bezenze yena uMeya uMntwana Ndabuko Zulu, kanti bahlose ukubaqola imali , ngoba bebathembisa imisebenzi ngegama lakhe. “Leli qola lizenza uMeya uMntwana uZulu bese libathembisa umsebenzi ,ongekho ngenhloso yokubaqola,” kusho ihhovisi. UMeya ukuqinisekisile ukuthi izimemezelo kanye nendlela yokuxhumana nomphakathi bayenza ngendlela eyiyo eqondile besebenzisa ezokuxhumana zikamasipala. Uqhube wathi ufisa ukuxwayisa umphakathi ukuba balubhekisise ulwazi ngaphambi kokuba balindlulisele phambili, baphinde bazibike lezi zenzo ezifana nalezi, ukuze kubanjwe lezigilamkhuba. Uthe nanoma iliphi ikhasi elibhalwe ngegama lakhe bethembisa abantu umsebenzi kusuke kungamaqola. Uqhube wathi uma ukubona lokhu kubike ngokushesha kumasipala. Uphethe ngokuthi uma ufuna ulwazi ngokwenzeka kuloMkhandlu ungangena ekhasini lawo elithi @Amajuba District Municipality ubuze ngekhasi lezokuxhumana.