IKILABHU yembokodwe Ubuhle Bamakhosikazi Club Izithombe: LANGELIHLE CHAGWE
INHLANGANO yabesifazane Ubuhle Bamakhosikazi Club igubhe usuku lokubuyisana ngokukhumbula amalunga ale nhlangano yawo angasekho nedili lokuvala unyaka.
Le nhlangano yasungulwa ngonyaka ka-2010 njengoba namanje isekhona kanti iphinde yakhumbuzana ngokuthi isukaphi ukuze ifike lapha.
Lomcimbi ubuwenzelwe kwaVilakazi e-Springbok,eDannhauser, ngoMsombuluko.
“Siyabonga ukuthi kusukela ngo-2010, kuze kufike lapha kulo nyaka u-2024, sisagcinwe uNkulunkulu,” kusho oyilunga lale nhlangano, uNksz Nomthandazo Zikalala, eqhuba ethi , siquzukile kakhulu kodwa sibonga uNkulunkulu ukuthi usasigcinile.
UNkk Doli Mahlambi naye oyilunga lale nhlangano uthe: ”Sibonga Inkosi ukuthi isasigcinile sengathi singathi uma sesihlukana namuhla sihambe kahle sifike emakhaya siphephile size sibonane ngonyaka ozayo sisaphila.”
Omunye wabasunguli bale nhlangano umaHadebe Vilakazi uthe:”Sabona kubalulekile ukuba sisungule le nhlangano singamakhosikazi ngoba kwakuneszinselelo esasizibona ezibhekene nathi singabantu besifazane.”
Uqhube wathi inhloso yokusungula le nhlangano kwakungukuthi sishaye imali yesondo ukuze lisisize uma sihanjelwe ngabathandiweyo bethu noma senza imicimbi futhi saqala sishaya imali engu-R100, kodwa manje sesishaya enkulu.
“Kwakekwafika isikhathi lapho kwakufanele kwenzeke khona umcimbi ekhaya lakwami leli sondo noma lenhlangano yasiza kwaze kwakhala umnyeni wami ongasekho wathi ungayiyeki lenhlangano, uma ushoda ngemali ngizokufakela,” kusho umsunguli nomphathi uNkk Hadebe, emamatheka.
Uqhube wathi zazikhona izivunguvungu, nezinselelo kodwa sakwazi ukuthi sindlule kuzo njengoba namanje isekhona le nhlangano futhi abantu bayayithakasela.
Uthe lenhlangano enkulu isizale nenye encane yesibili ngokwenza kahle kwayo.
“Leli sondo lasithwala sixakekile emakhaya ethu,” kusho uNkk Vilakazi.
Uphethe ngokuthi ungaceli njalo kodwa bonga lokhu uNkulunkulu akuphe kona.
“Ngibonga kakhulu ngobude bendlela njengoba sesineminyaka engu-14, sasungula lenhlangano yokushayelana,” kusho uNkk Nkabinde, ongomunye wabasunguli nomholi walenhlangano, eqhuba ethi, uma unomsebenzi noma uhanjelwe ilunga lomndeni lenhlangano iyasiza kakhulu, ngoba awuthengi lutho kodwa igilosa uyalethelwa njengelunga.
Uphethe ngokuthi asenzeni kahle sesihambe ibanga elide.
uNkk Musa Buthelezi uthe kubalulekile ukujoyina lenhlangano eyayaziwa ngokuthi isondo ukuze uzosizakala uma uvelelwe ngokuthize.