NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, neNdlu yabaHoli boMdabu nobamaKhoi-San esifundazweni, bavumelane ngokwakha isikhwama esibizwa nge-Isandlwana Holdings, okuhloswe ngaso ukuba kutshalwe kuso izimali zezifundazwe, ezokubhekelela amakhosi emikhandlwini yawo.
Lesi siphakamiso senziwe kukhukhulela ngoqo womhlangano wamakhosi angu-250 abeliqhamukisa kuzo zonke izingxenye zesifundazwe, abeyingxenye yalo mhlangano obubanjelwe eChamber Old Legislative Building, oLundi, ngoLwesine, obekuhloswe ngawo ukuthi amakhosi abambe iqhaza emnothweni nasebuholini besifundazwe.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Buthelezi, uthe amakhosi kumele abe yingxenye yohulumeni wesifundazwe aphinde abambe iqhaza emnothweni.
“Kulo mhlangano kuvunyelwane ngokuthi kwakhiwe isikhwama, Isandlwana Holdings. Lesi sikhwama, sizosiza amakhosi ekutshalweni kwezimali kuphinde kuthuthukiswe nawo,” kusho uMfu Buthelezi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Kulesi sitatimende kuvela ukuthi, usihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, Inkosi uSifiso Shinga, ube esekhuluma ngohlelo olwenziwa nguhulumeni wesifundazwe lokuthi umkhandlu nomkhandlu wamakhosi uziphathele izimali zesizwe sawo, ukuze kube yiwona abonayo nahlelayo ukuthi isabelomali sawo asisebenzisa kanjani, angathathelwa izinqumo ngemali yawo.
Uqhube wathi bengumnyango basematasa nezinhlelo zokubheka ukuthi ngabe amakhosi azosisebenzisa kanjani isabelo mali sawo emikhandlwini yawo.
UMfu Buthelezi uqhube ngokuthi bengumnyango bafisa ukukuqinisekisa ukuthi amakhosi ayahlonishwa uma enza umsebenzi wawo wesizwe.
“Ngenkathi kunalomhlangano ama-tablets kanye nama-data anikezelwe emakhosini angu-30 ukuze asizakale ekuqhubeni umsebenzi wawo.”
Uphethe ngokuqinisekisa ukuthi inkosi nenkosi izohlomula nge-laptop ne-printa ekuqinisekiseni ukuthi imisebenzi yawo ayenza kahle ngamathuluzi afanele okuqhuba umsebenzi wansuku zonke.