NGIZOQINISEKISA ukuthi ngizolwisana nenkohlakalo! Lamazwi ashiwo yiMeya yaseDannhauser, uKhansela , Jabu Phakathi ngenkathi loMasipala kanye noMnyango wezokuHlaliswa kwabantu esiFundazweni KwaZulu-Natal, bebahlabe isoyi lokwakha izindlu zomxhaso kanye nemigwaqo ezongenela kuzo lezi zindlu. Uqhube wathi imisebenzi eminingi igcina ingaphelanga ngoba umphakathi iwona ogcina untshontsha izinto zokwakha. Uthe ngiyanicela mphakathi ukuba niyigade impahla esuke ibekwe ngosonkontileka, ngoba isuke izosiza nina.
“ SinguMasipala sithenge ipulazi likaMnu Solly ngenhloso yokwakha lezi zindlu ezizodla izigidi ezibalelwa kuR39million,” kusho yena , eqhuba ethi kulolu hlelo bazoqala banikezele ngezindlu kubantu base-Emafusini ngoba yibona abahlala ngabaningi emakhaya, futhi uthola ukuthi endlini eyodwa kuhlala abntu abandlulile eshumini. Uthe kulolu hlelo kuzoqasha abantu abangu-35 , abangenawo amakhono (general workers). Uthe maningi amathuba omsebenzi azodaleka uma sekuqale lomsebenzi wokwakha izindlu kanye nemigwaqo. Uqhube wathi kuzofuneka abantu bendawo abenemishini enhlobonhlobo yokusebenza okubalwa kuyo amatipper truck, excavator kanye neminye eminingi ezosebenza uma kwakhiwa imigwaqo, ezohamba amabhasi namatekisi kuyo lendawo esibalulwe ngenhla. Akagcinanga ngokuthi bahlabe isoyi kodwa kubuywe kwathulwa nezinkontileka ezizoqhuba lomsebenzi omkhulu.
Uthe lomsebenzi uzoqasha bonke abantu bakulamawadi angu-13 akhele uMasipala waseDannhauser. Uqhube wathi kuzoqashwa nozoxhumanisa umphakathi nabanikazi bezinkontileka (Community Liaison Officer), acele ukuthi kungakuhle kube umuntu onomatikuletsheni nezinye zeziqu , ezingaphezulu kukamatikuletsheni, khathi ezokwazi ukuzwa nolimu lwesingisi ngoba osonkontileka abantu abamhlophe.
Uphinde wanxusa loyo ozoqashwa njenge CLO ukuba asebenzisane nekhansela lendawo, ngoba ethi kuyaye kwenzeke uthole laba ababili sebengasasebenzisani , okwenza nomsebenzi ungaqhubeki ngendlela. Uthe iyafuneka nenkampani yonogada okuyiyona ezogada impahla yokwakha. Uthe lendawo izoba nezitende ezizotholwa yilaba abangeke bazithola izindlu zomxhaso ngoba behola imali engaphezulu kwabafanele bathole lezindlu.