ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa.Izithombe.ZITHUNYELWE
AMAPHOYISA oPhiko lwe Organised Crime Unit abophe abasolwa ababili abaneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili (38) kanye nengamashumi ayisithupha nantathu (63), ePhoenix emva kokuba ebelandela ezobunhloli ngoLwesine ebusuku (izolo), abatholakale nezibhamu eziyisithupha ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka engu-38 nengu-63, emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ngoLwesine ebusuku.
Uqhube wathi esitatimendeni , le migulukudu iboshwe emgwaqeni i-Swallowhaven Road , eForesthaven, ePhoenix,eThekwini
“ Amaphoyisa alunywe indlebe ngamalunga omphakathi ngokuthi kunezibhamu ezigcinwe emzini thizeni, omnikazi wazo uhola iqembu lezigelekeqe elaziwa ngokuthi i-Bloods,” esho, eqhuba ethi amaphoyisa aloluphiko oselubalulwe ngenhla ephethe incwadi yokusesha anikele kulomuzi abelayelwe wona, lapho efice khona owesilisa oneminyaka engu-38 kanye nowesifazane oneminyaka engu-63.
Uthe esitatimendeni , ngenkathi amaphoyisa esesha athole izibhamu ezimbili zohlobo lwe pistol okuthe uma ezibheka izinombolo zazo zicinyiwe (number filed off) , amahand guns amabili kanye nama shotguns amabili , kanye nenqwaba yezinhlamvu etholakala ngaphakathi ewodilophini (wardrobe).
“ Amaphoyisa abefuna osolakala ngokuba unqondonqondo kwezokushushumbiswa kwezidakamizwa futhi ongumholi wegenge yemigulukudu ‘i-Bloods’ ” kusho yena uNetshiunda.
Uthe esitatimendeni , babe sebeboshwa laba ababili kanti nezibhamu zizothathwa ziyohlolwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke ezenzweni zobugebengu esifundazweni kanye nakwezinye.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, abasolwa bazovela maduzane enkantolo bebhekene namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu konke okungekho emthethweni.
