KUNGENKATHI bekunemidlao ebekugqugquzelwa ukusebenzisana ezisebenzini zoMzinyathi.Kwesingezansi kukhona uMeya kaMasipala uMzinyathi uKhansela Petros Ngubane
KUGQUGQUZELWE ukuzivocavoca nokusebenza ngokubambisana kubasebenzi bakuMasipala wesifunda uMzinyathi ngomdlalo webhola likanobhutshuzwayo nelomqakiswano phakathi kwezisebenzi zakulo masipala nezomsakazo uKhozi FM, ngempelasonto, e-Oval Stadium, eDundee.
Iqembu labesifazane loKhozi FM libhaxabule eloMzinyathi ngo 13-5, kwathi elabesilisa loKhozi nalo lwabhaxabula elamakhansela esifunda uMzinyathi ngo 5-0.
Abasebenzi boMzinyathi bona baguqise aboKhozi FM ngegoli elilodwa kwelingekho.
Okhulumela uMasipala wesifunda uMzinyathi, uThandeka Ngobese, uthe: “Ngale midlalo bekuhloswe ukugqugquzela ukusebenza ngokubambisana kubasebenzi bakulo masipala kuphinde kugqugquzelwe ezempilo, ngoba ukuzivocavoca kuyasiza ukuba abantu baphile kahle futhi bakhohlwe yingcindezi yomsebenzi.
Sike saba nawo umkhankaso esiwubiza ngokuthi ‘i-Work and Play’, esawusungula khona kulo masipala lapho sasidlala khona neminye iminyango kahulumeni,” kusho uNgobese, ophethe ngokuthi uKhozi beluqeqeshwa nguLucky Nkosi, oduma ngelikaMphazima, wodumo lomculo wamakhwaya kulo msakazo.