HALALA Halala Enhlokweni! Lawa ngamazwi ashiwo nguDoketela kweZemfundo uN Masondo ngenkathi bekugujwa iminyaka ewu-60 kwasungulwa isikole i-Enhlokweni Primary School, ese-Osizweni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Uthe ukube beningekho bazali nothishanhloko walesikole kanye namathishela ngabe asikho lapha. “ Zonke izikole zibukela kulesikole esesibalulwe ngenhla, ngoba muningi umehluko esesiwenzile emphakathini ngoba sikhiqiza abafundi abaseqophelweni eliphezulu futhi sidala kunazo zonke ezikhona lapha Osizweni kodwa sibukeka sisisha futhi esithuthuke kakhulu ngendlela esiphethwe ngayo. Uthishanhloko wakulesikole esesibalulwe ngenhla kanye nabangamele abazali ezikoleni phecelezi School Governing Body (SGB), kanye namathishela babambisene, ekuthuthukiseni lesi sikole. Kuvelile ukuthi lesi sikole sesikhiqize izinqalabutho eziningi okubalwa kuzo iJaji Ngwenya. UDkt Masondo uphinde wakuveza ukuthi lesikole ngaphansi kobuholi bonguthishanhloko uMnu Bongani Thwala sihlonishwa lapha eMajuba, kusiFundazwe kanye naphesheya kwezilwandle. Uqhube wathi uyagijima lothishanhloko ebambisane nabo bonke abakhona kulesikole bahambe benxenxa osomabhizinisi kanye nabaxhasi ukuze kubekwe imfundo phambili. Uthe okaMnyamande akalindi imali evela kuhulumeni ukuze kuthuthukiswe ezemfundo nokuqhakambisa yona ehambisana nethima lakhe lamathishela. Bayazijuba ukuba banxenxe abaxhasi ngenhloso yokuthi kuvezeke iphupho loukhti akugqugquzelwe ukufunda nokufundiswa. Lesi kole sesizingeni lomhlaba ngenxa yokuthi uMnu Thwala kanye nabobonke abasebenza nabo babeka phambili abantwana. Ukungalindi imali evela kuhulumende ikona osekukhulise lesikole kakhulu ngoba sinezinto eziningi lapho abafundi sebenezikhungo lapho kukhona ama labhorethi amabili awathole ngokuba nentshisekelo yokuthi abantwana abathole imfundo engcono. Uma ungaqhathanisa lesikole nezasemadolobheni sihamba phambili ngoba sikhiqiza abafundi abanohlonze. Amathishela akulesikole abeka abafundi phambili kanti futhi nabazali bakhona sebayazi ukuthi izingane zabo kumele bazise kuphi ngenxa yolkuthola lonke ulwazi lwezemfundo nokuthi izingane zifundiselwa ukuba zibe nekusasa eliqhakazile. Lesi kole sifana nenyuvesi ngoba sikhiqiza abafundi abanohlonze abathi uma beya kwezemfundo ephakeme bahlonishwe ngoba nakhona benza kahle ezifundweni zabo. Kuvelile ukuthi namathishela akhona azidlela amahlanga uma eqhudelana namanye amathishela uma kunemiqhudelwale yamathishela enza kahle kuzwelonke napheshela kwezilwandle. Kuphinde kwavela ukuthi owabe engumfundi wakulesikole owabaqwaqwada emakhanda esikoleni sakhe iPhendukani High School nakuzwelonke wabe uNksz Sinakho Siyaya, waphuma ezandleni zothisha bakulesikole. Kuphinde kwavela ukuthi lesikole sinamathishela awu-40, asebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekuthuthukiseni ezemfundo. Lesikole kuvele ukuthi sasungulwa ngonyaka u-1964 , emva kokuba abantu abasisungula babesuswe emapulazini ngamabhunu ezindaweni ezifana soSididini kanye nesiTotoni. Lesikole sikhiqize abantu bemikhakha ehlukene okubalwa kubo neJaji leNkantolo ePhakeme uNgwenya. Uthishanhloko walesikole uMnu Bongani Thwala uthe asibungazeni ukuba lesikole size sifinyelele kuleminyaka ngenxa yokubambisana kwazozonke izinhlaka ezikhona. Uthe laba ababexoshwe kulezindawo esezibalulwe ngenhla ngenxa yobandlululo babona kubalulekile ukuba kwakhiwe lesikole. “ Kwakumuncu ngenkathi besuswa kulezindawo ababehlala kuzo ngenhla yobandlululo kodwa ababhekanga emuva babona ukbaluleka kwemfundo,”esho. Uqhube wathi lesikole sikhiqiza odokotela abameli kanye nabo bonke abantu ngaphandle kwabathakathi esho ehleka ngokujabulela ukukhula kwezinga lokwesekwa kwalesikole. Uthe kunamathishela onesi, osozenhlalakahle njalo njalo abaphuma kulesikole. Uphethe ngokuthi bona banezinhlelo eziningi ezingekho kwezinye izikole kodwa bona banazo ngenxa yokuthi bayaluthekela ulwazi baphinde bafune nabaxhasi. OkaMnyamande uthe okwakhe bekungukusho ukuthi kwenzakalani kulolusuku lwayizolo mhlaka 26 July 2024 hhayi ukuba nenkulumo.IJaji Ngwenya lithe kwafesitiya ngafundiswa uthisha wesilsa kuso lesikole. Liphinde lakuveza ukuthi bathi uma besuswa kulezindawo esezibalulwe ngenhla bahlala emikhukhwini , eminye yayibizwa ngostini gogogo. “ Ngafunda kulesikole ngifunda nabantu abadala abebeniminyaka ewu-19, ngoba babeqhamuka emapulazini,” kusho uJaji Ngwenya. Uqhube wathi kuloyonyaka kwakuwunyaka wendlala ngoba abantu babegazukile ebusweni ngenxa yendlala. Uthe lesikole saduma kakhulu ngebhola likanobhutshuzwayo ngoba sasiqhudelana nezikole ezisemabangeni aphezulu ezifana neThubelihle kanye neSiyamukela kodwa sinqobe. “ Uthisha impdande yesizwe,” esho. Uqhube wathi akekho umuntu ongakaze ambone uthisha emhlabeni. “Inselelo ebhekene nothisha ukuthi bangadikibali ngoba bethi imali ayikho, kodwa kuyathokozisa ukuthi babeka impilo yabantwana phambili kuneyabo. Uqhube wathi kulendawo yaso osizweni kwakunezipoko lapho owawuduka uze ubuye ekuseni kodwa uvuke uye esikoleni. Ugqugquzele ukuthi amathishela kanye nabazali ababambisane ukuze kuqhutshwe usiko lokufunda nokufundiswa. Okhulumela isigungu esimele abazali (School Governing Body), phecelezi SGB uMnu Nkomzwayo uthe uthishomkhulu wakulesikole akabonakali ukuthi uphethe uzifanela nabanye othisha futhi uyalalela okushiwo umuntu. Uthe lesikole sidala kodwa sibukeka sisisha kwezinye ngenxa yokuthi uthishanhloko uyasithuthukisa ehlangene nazo zonke izinhlaka zabaholi baso. Uqhube wathi lesikole sinetayitela , ezinye azinayo. “ Siyathokoza ukuthi labafundi, bayazimisela ngayo yonke into kanye namathishela,” ephetha.