KUNGENKATHI kuhlatshwa isoyi kwethulwa nosonkontileka ezofaka amanzi. ISITHOMBE. SITHUNYELWE
UMASIPALA wesiFunda saseMzinyathi ubuyise ithemba ngokusweleka kwamanzi endaweni yaseMsinga ngenkathi umeya walo masipala, uMnuz Petros Ngubane obehambisana namakhosi endawo bephendula isoyi lapho kuzokwakhiwa khona isikhungo sokuphakela amanzi eMthembu west water supply phase 2, eMzisho, eMsinga, ngaphansi kwekhansela lika-ward 5, uMnuz V.S. Ndlovu.
Lo msebenzi uzodla umasipala isamba semali elinganiselwa ku- R89.6 million. Izindawo ezizohlumula kubalwa eMzisho, eMaromeni, Tugela Ferry naseMahlabathini. Imizi ezohlomula ilinganiselwa ku-1 962.
UMnuz Ngubane uthe: “lgcagcele esokeni ngoba ukuphela kwalo msebenzi kuyobe kusho ukuthi ingxenye enkulu yoMsinga izobe isihlinzekwe ngamanzi. Uma kuza uhlelo olukhulu kangaka endaweni usonkontileka siye sincome kakhulu ukuthi aqashe abantu bendawo ukuze kube nemindeni Izokwazi ukubeka isinkwa etafuleni.
Lo msebenzi njengoba uqala balinganiselwa ku -18 abantu abazoqashwa. Abantu siyanxusa ukuba bahambele imihlangano yomphakathi ngoba emihlanganweni kulapho lezi zindaba zokuqashwa ezifike zixoxwe khona,” kusho uNgubane.
Uphethe ngokunxusa abantu ukuthi bangaphazamisi umsebenzi ngoba uma benze njalo bazobe bezibambezele bona ukuthi bathole amanzi ngokushesha.
“Noma seniwatholile ngicela niwaphathise okwezikhali zamaNtungwa. Singezwa sekuthiwa nigqashule amakhebula kagesi nazixhumela ngokungemthetho amanzi ngoba lokhu kuzobe kuwukuzibuyisela emuva.”