UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal ufisa ukuqinisekisa abafundi, abazali,osonkontileka be National School Nutrition Programme, amalunga omphakathi kanye nazo zonke izinhlaka ezithintekayo, ukuthi uhlelo lokuhlinzeka abafundi ngokudla luzoqhubeka nengokujwayelekile uma kuvulwa izikole ngomhla ka 02 April 2024. Nakuba kube nokudideka okudalwe i Circular No. 33 ka 2024, uMnyango uyazibophezela ekuqinisekiseni ukuthi abafundi abawu 2 445 466 ezikoleni eziwu 5 446 bayaqhubeka nokuhlomula kulolu hlelo. Lokhu kubandakanya ukuhlihlenzeka abafundi ngesidlo sasekuseni ezikoleni zamabanga aphansi kanye nama Special Schools okwathulwa uMnyango ngo April 2023.UNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer uzwakalise ukudumalaokukhulu ngezinkulumo zosopolitiki nosomathuba abasebenzisa loluhlelo lwe NSN ukufeza izinhloso zabo zepolitiki.“Lolu hlelo lwe National School Nutrition Programme kuhloswe ngalo ukulekelela abafundi abaqhamuka emindenini engathathi entweni ukuba nabo bakwazi ukuthola ilungelo labolemfundo. Lokhu kuhambisana nokuzibophezela kuka Hulumeni ukuqinisekisa ukuthizonke izingane zaseNingizimu Africa ziba nekusasa eliqhakazile”, kusho uNgqonqosheuFrazer.