INHLANGANO yezokugembula i-Hollywoodbets Foundation iphucula izimpilo zabantu ngezinhlelo ezinhlobonhlobo! Kuvelile ukuthi lenhlangano izibophezele ekuphuculeni izimpilo zabantu iphinde ibathuthukise ngezindlela ezahlukene. Kuvelile ukuthi lenhlangano ibibungaza i-World Homeless Month ngenyanga ka-October, ngokuzibophezela ukuthi ikhombisa noma igqugquzela Ubuntu nokuphana emphakathini, kulabo abantula kanye nabangathathi entweni. Okhulumela lenhlangano uNksz Vusyisile Ngobese , uthe bathathe ithuba lokuqwashisa ngabantu abangenamakhaya, kanye nokwazisa imiphakathi ngezinselelo ababhekena nazo njengabantu abangenamakhaya, ikakhulukazi laba abaphila nesifo senqondo noma ukukhubazeka ngokomqondo. Uthe ukuhlala emigwaqeni kubangelwa izinto okubalwa okunye kwazo ukuntula amathuba omsebenzi, ububha, udlame lwasemakhaya, izidakamizwa ezidlangile entsheni kanye nezinye izinqinamba. “ Thina njenge-Hollywoodbets Foundation Corporate Social Investment, sibheke kakhulu amaprojekti asizayo ngezindlela eziningi , emiphakathini, esho. Uqhube wathi basithathela phezulu isifo sokugula ngokomqondo ngoba iningi la labo bantu basuke bengazi ukuthi baphethwe yilesifo. “ Kusemqoka kithina ukuthi abantu abanjalo sibanakelele,” kusho yena, eqhuba ethi, sihlose ukuthi bakwazi ukuzithuthukisa bona, nathi siphinde sibanike izinsiza abazidingayo. Uthe sibe sesihlela izitolo lapho bezozingenela kuzo, sihambise izinsiza ezibalulekile, sibanike izingubo ezifudumele siphinde sibaphe ukudla laba abahlala ezitaladini. Uthe sifisa ukubuyisa isithunzi sawo wonke umuntu ikakhulukazi laba abahlala emigwaqeni, ukuze nabo baphile impilo enokuthula nenjabulo. “ Sibeka izidingo zabantu phambili, “ esho. Uthe kusukela ngonyaka-2012 baqala uhlelo olubizwa ngokuthi My Community Programme, ukuze siphucule izimpilo zabantu. “ Sesizize abantu abaningi, abangamathawuzenti silibe sasungula lefandeshini. Uphethe ngokuthi ngoba bekugujwa losuku oselubalulwe ngenhla ngenyanga endlule bebeziphophezele ukuthi benza ngakho konke okusemandleni ukuthi laba abangenamakhaya bathola ukuzizakala.