UMNYANGO weZemfundo usikhiphe isimemezelo sokuthi bonke laba abangaphumelelanga noma abafuna ukulungisa amamaki sebengabhalisa. Okhulumela umnyango lona osubalulwe ngenhla KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bonke laba abafuna ukubhala izifundo ngokuchibiyela sebengaqala babhalise. Uthe bonke laba abafuna ukulingisa amamaki noma bazibhale kabusha izifundo zabo lezi abangaphasanga kahle kuzo , bangabhalisa besebenzisa ubuchwepheshe bokuxhumana, ukuze babhale ngoMay/ June, babhalisele iNational Senior Certificate (NSC), kanye Senior Certificale (SC),. Uqhube wathi kuvalwa mhlaka 9 February 2024, ukubhalisa. Uphethe ngokuthi bonke laba abafuna ithuba lesibili kumele babhalise ngokungena kulewebsite ethi SecondChance@dbe.gov.za
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...