NGUNGENKATHI ikilabhu i-Academy ibhiyozela ukunqoba kwelikanobhutshuzwayo. Kwesinye ngamaqembu elabesilisa nelabesifazane anqobe lethonamenti.Izithombe.ZITHUNYELWE
IBE yimpumelelo ithonamenti (tournament), lapho bekuqhudelana khona intsha yabesilisa nabesifazane ebholeni likanobhutshuzwayo ebibanjelwe eSkomplaza Sports Complex , eDurnacol, ngaphandle kancane kwaseDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngoMsombuluko njengoba bekubungazwa usuku lwe,ntsha njengoba inyanga yentsha isaqhubeka.
Le midlalo ibihlelwe i-Razzmatazz Restaurant ngenhloso yokubuyisela emphakathini. Umnikazi we Razzmatazz Restaurant uMnuz Menzi Madondo uthe esitatimendeni, sihlele le midlalo ngenhloso yokubuyisela emphakathini njengoba sihweba futhi siphinde sisebenze emphakathini.
Uqhube wathi , kubalulekile kakhulu ukuba ubuyisele emphakathini uma usebenza kuwona.
Uphethe ngokuthi enye inhloso yokuhlela lomqhudelwane webhola likanobhutshuzwayo phakathi kwabeselisa nabesifazana ,ukwenza ukuthi intsha kubekhona eba bhizi ngakho kanye nokuyinqanda ukuba ingabi uvanzi ngosuku olukhulu kangaka , lapho intsha yonyaka u-1976 yasukuma yabhukula yabhikishela uhulumeni wobandlululo , ya cha sikhathele ukufundiswa ngolimu lwesibhunu kanti futhi kwaphinde kwashona nezishoshovu ezifana no Hector Peterson kanye noTsietsi Mashinini, ababeyingxenye yaloyombhikisho.
Uthe okunye bekuhloswe ngakho ukunqanda intsha ukuba ingazimbandakanyi ezidakamizweni ngalolusuku olukhulu kangaka kanye nokugqugquzela ezemidlalo entsheni.
Iqembu INkosiyethu eyaziwa ngokuthi i-Academy ibhaxabule , iqembu i-Mzi Life Style FC ngegoli elilodwa eqandeni kowamanqamu yabe isizihlomulela ngezindondo zegolide eziyishumi nesishiyagalombili, u-R2000, ijezi lebhola (soccer kit), kanye nenkomishi, kwathi i-Mzi Life Style FC yona yathola umthobanhliziyo we-R1000 izindondo zesiliva eziyishumi nesishiyagalombili (18).
Iqembu elilale isithathu kube elinye layo i-Mzi Life Style lazizuzela imali engu-R500.
Kwelabesifazane i-Happy Crown ibaxabule i-Two for Joy ngamagoli amathathu eqandeni yabe isizizuzela imali engu-R300, inkomishi kanye nezindondo, kwathi i-T for Joy yona yaklonyeliswa ngo-R100 kanye nezindondo kwathi i-Durnacol Predators yalala isithathu yazizuzela izindondo kuphela.
“Kube sekuklonyeliswa umdlali wethonamenti ngenkomishi, kwathi unompempe yena wathola imali engu-R500 kwaphetha ngokunikezelwa ngenkomishi kumdlali obevelele emdlalweni (man of the match),” kuphetha uMadondo.
Kuphinde kwavela ukuthi kubaxhasi bekukhona uMasipala waseDannhauser njengoba uxhaso beluvela ngaphansi kwehhovisi le meya, Amajuba Water kanye ne Amstel Distillers kanti lomqhubdelwane ubuhanjelwe ngumphathi wesiteshi saseDannhauser uColonel Dubazana, umphathi wesiFunda Amajuba Major General Fred Alezandra, Youth Desk kanye neCommunity Policing Forum (CPF).


